Izithakazelo zakwaMalinga

Malinga
Hlanguza kaMdladla
KaPhepheletseni
KaLwandle aluwelwa,
Luwelwa zinkonjane Ezindiza phezulu
Khathide,
Mzilankatha
Ngqokazi
Thumbela kaNgwane
Mahlamvana bhul umlilo
Abamgqiba eNtunjane bethi ufile kanti akafile.
Nina baseLenge
Nina baseNgedlana
Ziqhwaga ezinkulu
Ezakhisa inkosi uBhungane.

Hlanguza owalinga ukuyihlomisa ebusuku
Nzalo kamagidela omnyama ngentamo
Owazila inkatha bekuthezelile
Malinga
Owalinga izintaba zeNdelana, iZungezi neHlobane
Walinga ukubulala, Walinga isihlalo sobukhosi bakwaMzizi balingeka bakunika
Gumakhulu
Malinga kaSigudu
Enaguda inkomo ingenankonyane
Sigwinyamkhonto nothi lwaso
Amalala inqaba yenkosi
Malinga
Mdladla
Lwandle!