Izithakazelo zakwa Mbanjwa
Sokhela,
Nyon’emyama,
Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela!
Zukiso Xhala
I want to knoq Mbanjwa’s clan
Nceba
Nceba
Mbanjwa, Songololo, Mabi, Ntimela, Nguta ka Sthole, uKheswa, Umphaki lo ongadl’udlel’omancishan kancane, uNthotho, uMwelase, ugqab’agqushe ithole elingavumi ukugqusha kwamanye amathole. Mashiyane, Gebane, into ezathi zakuyibona zithi nali idlakadlaka kodwa, ujika kwelanga zibuye ziyivume, uvasha kamcel’izbunu zentaka yimilenze.
Mpethwane. Wena we Sokhela, Mpazela, nkanyez’enkulu ebonwa izwe lonke.
Samkelo Mbanjwa
Mbanjwa ,
Khathini,
Sama,
Ngonono,
Sojobe,
Ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane eziphapha phezulu,
Omancisha kancane ngoba beswele izinkomo,
Nina enaphekwa netshe kwavuthwa itshe kuqala Nina nagongobala.
Vuyani
Mbanjwa ngutathole,umvula-mvimbi,uqwaba nqushe,isishwashwube,ntotho,umwelase,isibhulo sendlovu,impundu ezmacocobela njengezomntwana,imvula eyana yabonwa ngezikhukhula