clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwaMsimangaMsimanga clan

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Abantu bakwaMsimanga bangamaHlubi

Awukho umehluko phakathi kwaMsimanga Msimango Msimang but konke kuya ngokuthi uphila ngaphansi kwasiphi isiFundazwe nange-Accent yendawo okhulele kuyona.

uMsimanga, Msimango or Msimang uyomthola kuwo wonke amaProvinces eSouth Africa, Botswana, Lesotho & Zimbabwe.

IZITHAKAZELO:
Msimanga/o
Thabizolo
Nonkosi
Songo
Muthwa oliThuli yena owehla ngesilulu abafokazane bona behla ngoMcacambane.
Abathwa abaziQunjane zimbili esinye singenhla esinye singenhla, esinye singezansi kwendlela.
Abathwa abamzimbomuhle njengowosana, kwangathi ngingawanga,
Abathwa abafunga uNonkosi nami ngaze ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga.
Abathwa abanzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Ehhhene iyanini maHlubi, nihlabele ngezindlela zonke, Niyobikela abaseMasimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile.
Amazala Nkosi ngokuzala uBhungane. Nina abokhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwaDlomo.
oSengama…umhlahlela sdindi uMahlasela yedwa njengoHlanya imizi yabaFokazana ngeJozi.
oMdidwa ziNdlubu ezamila eMthondweni.
Unkonka weFusi yena owama eNsimini yaseMantshalini yaphenduka iMfaba.
uMpembe kaLokothwayo….Thabizolooooo!!!

Previous

Izithakazelo zama Chunube

Next

Izithakazelo zakwa Ngesi

2 Comments

  1. Anthony

    Ngisi zukulu sika Nkosi no PHAKATHI

  2. Eureka

    Thank you for clarification on my surnames

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: