Izithakazelo zakwaNcube

Mzilankatha,
Nhlansi,
Gabadeli,
Onkatha kayingen’endlini,, yangena kubol’izinkaba zabantwana,
Zibizendlela,
Zikhali zeMkhonto,
Mlotshwa,
Khambule,
Mpangazitha,
Nina bakwaNkomo zilal’uwaca, ezamadojeyana zilal’amankengana,
Nina bakwaMzila kawulandelwa, ukuwulandela -ukuzibambezela,
Won’ulandelwa izinkonjane,
Nin’enalandel’ilanga laze layoshona kunina,
Mpangazitha