clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Mpontshane Clan -Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi.

UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka.

Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”

Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”

Bavumelana ngalokho-ke. 

Nyakeni mumbe agule uDingane bazihambe zonke izinyanga kodwa lutho ukuthola usizo, umuntu thizeni ayalele uDingane ngenyanga ezwe kuthiwa ilapha kwasani etholakala kwamhlaba uyalingana. Babophe imthwalo yabo balibhekise Kwamhlaba uyalingana. Bafike kuJeqe Buthelezi owayesezishintshile waba uJeqe Mpontshane, ifike imlaphe inyanga,babonge bangcongcoze,bamxoshise ngezinkomo nangezimbuzi,babone abeze ngayo.

Esamangele uDingane,esazibuza eziphendula kubuye engqondweni yakhe ukuthi akekho umuntu ongakwazi ukumlapha kulokhukugula okwakumphethe ngaphandle komuntu onolwazi lokuthi inkosi ilashwa kanjani………washintsha uZulu wabamnyama ngathi ukhuza izulu,wadinwa wagana unwabu uma sekumcacele ukuthi bebemenza isilima ngokumfihlela umuntu obekufanele ukuthi amyise kwagoqanyawo ngokwesiko. UDingane wabophela ibutho lakhe, waliyala ukuba liyothungatha uJeqe Buthelezi lo osezibiza ngo Jeqe Mpontshane.

Uma ezwa uJeqe ukuthi ufunwa ngapha nangapha abaleke aye eSwazini ( yingakho nanamuhla uthola oMpontshane abangamaSwati abavela eSwatini, ngoba umfokaShenge wafike wakhonza enkosini yabeSwati ngesibongo sakwaMpontshane ukuze inkosi ingeke ifunde incwadi ibhaliwe ngoba weyengabe uzibophile uma ezidalula ngoba wawusuhlatshiwe umkhosi wokuthi uyafunwa ezweni lonkana, wafike wazakhela igama elihle nakhona eSwazini,waba nabafazi nezingane ,kwaba ukwanda koMpontshane eSwazini) amabutho kaDingane aphindela emuva elambatha. Lokho kwamthena amandla nothando uDingane lokufuna umuntu ongatholwa ophila ngokuMpontsha imihla ngemihla.

Emveni kokukhothama kwenkosi uDingane, uJeqe wakhetha ukulishiya elaseSwazini ngoba bathi ayikho indawo emnandi njengekhaya. Wayenamakhosana namakhosazana ayewashiye emuva esingasho ukuthi wayesewakhumbule kakhulu,Kwazise nenkosi eyayimhlupha yayingasekho,wayesenombuso owawumlindile KwaZulu okungukudla izinyoni zabazukulu bakhe.

uma kulandelwa umlando kuyatholakala ukuthi uJeqe wayengumfowabokhokho abazala isizukulwane esizale inkosi yakwaButhelezi ebusayo njengamanje Inkosi uMangosuthu Buthelezi.

Previous

Izithakazelo zakwa Shazi

Next

AmaNtshilibe 😍 Ntshilibe

1 Comment

  1. Nomfundo

    I’m happy to know about umlando wakwampontsane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: