clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Mthimkhulu

Izithakazelo zakwa-Mthimkhulu

Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!

Previous

Mthethwa

Next

Mtshali

6 Comments

  1. radebe umthimkhulu

    mashiya a mahle nje nge nyamazane baka laka le baleke ba zinto ze myama ama hlabu ama ngelengele badle umuntu ba nyenge ba muhle ba monyenge nge ndaba radebe

  2. NgeleNgele. …langalibalele

  3. "Mtimkulu, Bhungane, Nsele.
    Mashiya amahle anje ngawenyamazane,
    S'goloza esimehlo abomvu
    sithi masibheka umntu simjamele,
    Ndlubu ezamila endaweni embi,
    nina enindlebe zikhanya iLanga,
    Intlabathi yoNdi ng'ifike beyihlenga beyiphalaza,
    Nam ng'ayihlenga ng'ade ng'aguzubala.
    nina bosiba olude olungakhothami
    ndlwaneni kodwa kwezinde
    luyakhothama,
    Mahlubi amahle.

    Shwabada owashwabadela inkomo
    neempondo zayo,Ndlebentle zombini,
    Mafuz' afulele njengelifu lemvula,
    Yimibhucw’ ebuthakathaka
    Eyabhucwa kwada kwaphum’ ilanga.
    Umkhulu Nkulunkulu kodwa awunganga
    Bhungane,
    Nkulunkulu uziqu zintathu
    kodwa uBhungane uziqu
    zingamakhulukhulu.
    Bayede Bhungane, Bayede Silo samaHlubi.
    Ngele-ngele,
    AmaHlubi anzipho zimnyama
    ngokuqhwayana."

  4. RADEBE/HADEBE
    Bhungane kansele, Mthimkhulu, Ngelengele.Nina BakwaS'goloza esimehlwa bomvu esibheka umuntu ngathi simjamele, Nina bakwanzipho zinde ngokuziqwayela.
    Nina enaqhamuka esizibeni esinomhlanga ningezinyamazane,bomashiya amahle afana nawenyamazane, bongelengele abahle.

    Nina bakwa Ndlubu ezinhle ezamila kwaSothondose, Nina enindlebe zikhanya ilanga, Nina enindlebe zinhle zombili.
    Ninabakwa bhucwa,Nina bakwaHlubi enahluba inja ngozipho, Mashwabadela Owashwabadela Inkomo kanye nezimpondo zayo.UMkhulu Ngelengele, Nina bosiba olude olungakhothami endlwini kodwa kwezinde luyakhothama.

    UKhulu Bhungane kodwa kawungangoNkulunkulu yena oziquzintathu wena ungamakhulukhulu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: