clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Nkosi

Izithakazelo zakwa-Nkosi

Ndlangamandla,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
Mabuya sezembethe’ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!

Zikhona izikibha nama-jacket: 061 868 5163

 

Previous

Mamba

Next

Manana

6 Comments

  1. Abantu bakwa Xaba bahlobene yini nabakwa Nkosi ?

  2. Gbuziswa ukuthi ubaba Ka mkhulu wami udabuka e swatini.manje sibiza nkosi dlamini kdw no ndlangamandla siyambiza..ingakho ngifisa ukuwazi kahle lomlando.inkinga agsenay umuntu omdala onganolwazi oluzongigculisa.ngiyacela ningisize.lolulwazi ngidinga ukulisebenzisa kusasa ntambama.uma ungakwazi ukungisa ungathumelela Ku WhatsApp 0719142004.ngiyabonga

  3. Mina ngicela ukbuza ukuthi u nkosi wase swatini uhlukile kondlangamandla???

  4. NKOSI DLAMINI wena wekunene, wena lowacedza
    LUBOMBO NGEKUHLEHLETELA. Sidlubuladledle
    sakalobamba, sona sitsi SIBADLA SIBE
    SIBADLUBULISA. Samketi SINEMBOVU EMALANGANI
    wena losidvwaba silutfuli, singabantolo sifute
    ekhaboNYOKO ,NKOSI wenalowabophela LOKUHLE EMTFUNTINI wentela BAFATI BETEKUHAWUKELA.
    NKOSI!!! DLAMINI!!!!

  5. Nkosi,Dlamini,Vusal'donga
    Nine besiDlubula ndledle sakwa Ngamlane
    nine bakwaMalandzela ngokulandzela tinkomo tamadzodza.
    Nine baka Mahlokota owahlokota timbila emgedzeni,
    kwabe kungetimbila kungamakhandza amadzodza
    Nina enenyuka Libombo ngokuhlehletela,
    Nine bakaWawawa sidwaba siluthuli,
    singabancwaba sehla ngamlandzakati,
    Malangeni lamahle kunalilanga,
    Nine beNgongoni yase mavaneni
    Hluba'ludonga Lamavuso Ngwane!
    MaSwati lalimbamba
    Nine baka Sobhuta
    Nine base Makayeni eSwatini mbamba
    Nine baseMtimba kwaMantini mbambamba
    BoDlamini wekunene!
    Mhlahlamelisi wetive!
    Dlamini! LuDongwa LwaMavuso! Hlubi! Ngwane! BoNdlela.

  6. AbakwaNkosi [ Ndlangamandla]
    Abantu bakwaNkosi Ndlangamandla
    kusengabantu bakwaKhumalo , bangaMantungwa
    Nguni ngokwezigaba zabaNguni , kanti futhi
    bangaMantungwa ngokozalo ngoba bazalwa
    nguMntungwa kaMbulazi njengabantu
    bakwaKhumalo .
    Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka kwaZulu
    umuntu owayebusa, noma owayeyinkosana
    yabantu bakwaKhumalo kwakunguMagugu
    indodana kaGasa owayenomuzi wakhe
    waseSikhabeni. Waqale wakha eBabanango,
    kodwa ngofokuhamba kwesikhathi wabuyela
    kwelaseNquthu. UMagugu nabantu
    bakwaKhumalo bakha ezintabeni zaseBabanango
    kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni.
    Babakhelene nabakwaKhoza kanye
    nabakwaMchunu, abaseZibisini kanye
    nabaseMancubeni. Kwabuye kwaba noqhekeko
    phakathi kwamadodana kaGasa oMagugu
    inkosana kanye nabanawakhe oDonda kanye
    noSiwela. Bamshiya uMagugu bahamba
    noyisomncane uMashobana kanye nendodana
    kaMagawozi uBheje. Bahamba njalo baze
    bayofika ngaphesheya komfula iSikhwebezi, lapho
    uDonda wafike wakha khona umuzi wakhe
    awubiza ngokuthi kuSezizibeni. Ngalokho
    wabizwa ngokuthi unguDonda weZiziba. Kwathi
    uBheje yena wakha umuzi wakhe eNgome
    owaziwa ngokuthi kuseTsheni likaBheje. USiwela
    kabange asafika yena kulolu fuduko, kodwa
    yindodana yakhe eyafika uMlotshwa, yakha
    umuzi wayo waSothulini eduze kwegquma
    Amaphondwana. Kwathi uMashobane yena
    wayokwakha umuzi wakhe endaweni kusukela
    eSikhwebezi kuze kuyoshaya eMkhuze.
    Umuntu oyinzalanantu bakwaNkosi nguSiwela
    indodana kaGasa. USiwela wazala uMlotshwa
    owazala uLanga yena wazala uMphazima..owaz
    ala uSodlaka
    Isibongo sakwaNkosi savela ngesikhathi
    amaNtungwa akwaNkosi esephethwe nguSodlaka
    owayebuye aziwe ngelikaNdlovu. USodlaka lona
    wakha umuzi wakhe wawuqamba igama elithi
    kuseZindlovini noma EMandlovini. Kuthiwa
    wayenqabela abantu ukuba bangene emuzini
    wakhe waseMandlovini ethi ''Akungenwa la,
    ikwaNkosi la, akungenwa la' kwase kuthiwa
    abantu bakaSodlaka ngabakwaNkosi
    oNdlangamandla. Kuthiwa uSodlaka wayengafuni
    amadodakazi akhe agane ezinye izibongo , efuna
    bagane kwaKhumalo . Bathi ngelinye ilanga
    wamangaza abantu ngokuthumela amadodakazi
    akhe ukuba ayogana eMantungweni akubo
    kwaKhumalo..Lezi zintombi kuthiwa zafika
    kwaKhumalo zembethe izikhumba ezishukiwe,
    kwase kuvela isithakazelo sabantu bakwaNkosi
    esithi'' >OMabuya sezembethe ugogwane'.
    Kwaqala ngaleso senzo sikaSodlaka
    ukuganiselana kwabantu bakwaNkosi
    nabakwaKhumalo, kuze kube namuhla
    bayaganiselana.
    Siyaxolisa Mantungwa aluhlazana
    njengencushana asikwanga ukuthola ukuthi ubani
    ozala uNdlela uYise kaMawandla kepha
    esikutholile ukuthi uyena owazala abakwaNkosi
    abasezweni lakwaNgwane eSwazini
    UKwelamana kwabakwaNkosi ::
    UMmusi II wazala uNdabezitha
    UNdabezitha wazala uMbulazi uMntungwa
    owazala amadodana amabili okunguMabaso
    owazala abantu bakwaMabaso kanye
    nomnawakhe uKhumalo owazala abantu
    bakwaKhumalo.
    UKhumalo wazala uMkhatshwa nabanye
    UMkhatshwa wazala uZikode owazala
    uMashobana uYise kaMzilikazi , amanye
    amadodana kaZikode ngoGasa kanye
    noMagawozi uYise kaBheje
    UGasa wazala uMagugu [inkosana] , uDonda
    [uDonda weZiziba] , kanye noSiwela owazala
    abantu bakwaNkosi
    USiwela wazala uMlotshwa [hhayi isibongo]
    owazala uLanga
    ULanga wazala uMphazima
    UMphazima yena wazala uSodlaka [uNkosi
    odlangamandla]
    UBukhosi bakwaNkosi buse-Ngoje
    Izibongo ezihlobeni nabakwaNkosi :
    Mabaso
    Khumalo
    Nyawose
    Khulu
    Macozoma
    Siwela [Mntungwa]
    Izithakazelo zakwa-Nkosi
    Mntungwa, Mbulazi
    Ndlangamandla,
    Mphazima, Mntungwa,
    Mawandla kaNdlela,
    Nina baseMandlovini,
    Mlotshwa, Siwela,
    Mphazima kaLanga,
    Nina bakwaLanga libomvu, elashis'amabel'
    ezikhuthali,
    Mabuya sezembethe'ugogwane,
    Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni
    yesandl'uyahlala,
    Wena owaphath'induk'emnyama washay'amanzi,
    kwavel'udaka,
    Nkonjane yenkosi,
    Ndabezitha !

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: