Zuma, Meaning, Origin & History

Izithakazelo zakwa-Zuma Nxamalala, Mdlovu, Mafahleni, Nina baka Lugaju kaMatomela KaShisa, Mashingizela ashiye impi yakhe, Dwala elibushelelezi, Maphum’ephethe inyama ngala, amasi ngapha nobukhosi amasi ngapha nobukhosi phambili! >> Umlando wakwa Zuma <<

Mncube Clan Names & History

Izithakazelo zakwaMncube: Khambule, Mzilankatha, Inkatha kayingen’endlini, Yangena kubola izinkaba zabantwana, Nina bakaNkomo zilal’uwaca, Ezamadojeyana zilal’amankengana, Mlotshwa, Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni, Mpangazitha, Magasolo, Nina basebuhlen’obungangcakazi, Abadl’embeleni wenkomo kungafanele, Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi, Nina bakaDambuza Mthabathe, Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni, Kwakhuz’abantu benifihla, naphenduk’ abakaKhambule, Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule, Msuthu, Mncube onsundu ngezinyawo zakho, Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni, Nina baseSilutshana, Nin’enakhelana noMbunda, Nina bakaMaweni, Nzimande, … Read more

Izithakazelo zakwa Kheswa Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Kheswa Kheswa, Mnguni, Nozulu liyasa liyasibekela, Mngun’omuhle wakwaMchumane, Mpofane, Mchumane , Ngelengele, Liyasa liyasibekela, Nozulu, Mpangazitha, Maqhaqhambi wezulu eliphezulu, Izimpofana zawela uThukela nomlazane onameva, Neza Nimachochombela njengekwindla, USuthu Oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya!