IZITHAKAZELO ZAKWA-MKHIZE Clan Names Umlando

IZITHAKAZELO ZAKWA MKHIZE

Gubhela! Gcwabe!
Wena kaZihlandlo!
Wena kaKhabazela kaMavovo!
Mumbo omhlophe
okhany’ amasi esiswini!
Nhlama eyaphelel’ etsheni
ngokubadaphunela.
Ngunezi
Bambo abambulazi,
Abadl’umuntu bemyenga ngendaba
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla
esaphandl’ abeNguni bavungama
Nina bengwaz’ emabhudle
Eth’ isabhudla
yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle
Nin’ enalala nomunwe
Navuka nakhwif’ ilanga.

Abanye bakwa-Mkhize bathi:

Gubhela! Gcwabe!
Khabazela kaMavovo,
Nhlama eyaphelel’etsheni,
Ngokubadaphunela.
MuMb’omhlophe!
Sibi-side esimaphandla,
Esaphandla abanguni bavungama.
Mbo, uMbulazi okhanya amasi esiswini.
Mbo, uMbulazi odla umuntu,
Emyenga ngendaba.
Enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga!
Nzalo kaSambela!
Nina baseMbo,
Nina bakaSidaphudaphu,
Ngokubadaphunela!
Nzalo kaLuzalo
Nzalo kaZelize!

Nawu umlando wabakwaMkhize

Mkhize Thola esakho isikibha : Whatsapp 061 868 5163

Tinanatelo – KHUMALO

Tinanatelo – KHUMALO

Mntfungwa loluhlata njengencoshane.
Mbulazi loluhlata.
Labatsi badl’ umuntfu
Bebamyenga ngendzaba!
Labadla timfe letimbili kepha
Likhambi laphuma lilinye!
Mzilikazi waMashobane!
Mabaso lowabas’ entsabeni
Kwadliwa lishona lilanga.
Sawela!
Nkhomo tavula incaba ngetimphondvo
kulaseNgome.
Bheje.
Lowabhej’ eNgome kwabonakala.
Labala kudl’ umlente kaBulawayo!

  •  

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe . Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso . U-Mntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili ,u-Mabaso kanye nomnawakhe u-Khumalo .

Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo  sakwaKhumalo nguye u-Khumalo owayeluqhamukise enhla nezwe ekanye nomnewabo u-Mabaso .Laba bantu bakwaKhumalo bafika bazinza endaweni yaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni . U-Khumalo wazala u-Mkhatshwa , u-Langa kanye noYengwayo ongukhokho wabantu bakwaNgubeni kanye nabakwaNkomo .Ngakho-ke abantu bakwaKhumalo , abakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni bayizihlobo zegazi.

U-Langa wazala u-Manzamnyama owazala u-Kholo owazala u-Mncumbatha owazala u-Mhlaba noMtshede . U-Langa wabuye wazala u-Mdetshe owazala cishe wonke aMantungwa aseMpulanga Koloni esingabala kuwo abakwaMacozoma , Tshangana , Phukwana , Sjemlana , Noyila , Ndlungwane , nabanye . Indlalifa kaMkhatshwa kwakunguZikode owazala u-Gasa (indlalifa) , u-Mashobana(ikhohlo)noMagawozi(iqadi) . U-Gasa wazala inkosana u-Magugu owazala u-Nkonyeni owazala u-Mthezuka owazala u-Mazungeni owazala uMandlalela .Endlini yasekhohlo u-Gasa wazala u-Donda owazala u-Maqandela owazala u-Mmbiyane . Eqadini u-Gasa wazala u-Siwela owazala abakwaNkosi oNdlangamandla esizabuye sixoxe ngabo.

 

U-Mashobana wazala u-Mdleleni (owazala abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo ) , u-Makhatha , u-Nzeni , u-Mzilikazi , u-Ntshembeni , u-Njiya , u-Gqugqu , u-Noziwawa nabanye . Uzalo lukaMashobana lutholakala kakhulu kwelaseButhonga , koJozini , Mhlabuyalingana , nakoManguzi . Iningi labo lingabesende likaNjiya kanye nelikaNtshembeni . UGqugqu neNzeni bafa bebulawa ngumnawabo u-Mzilikazi ngoba ebasole ngokuthi babecheme noZulu ngenkathi yena u-Mzilikazi elwa exabene neLembe ngodaba lwezinkomo ayezidle kuHanesi wabeSuthu eHarrismith ethunywe yilona iLembe . U-Ntshembeni yena wasinda kulolo hlaselo lukaMzilikazi wabaleka walibhekisa eMozambikwe ngoba kwakusekhona aMantungwa akwaMabaso kuleliya zwe . Kwathi lapho ezwa ukuthi umnawakhe u-Mzilikazi wayeselifulathele elakwaZulu kwayima ebuya-ke u-Ntshembeni wafike wakha lapho sekulidolobha laseJozini khona .

U-Magawozi kaZikode yena wazala u-Bheje , u-Mabhede noNgazana . Zonke lezi nsizwa zafa zibulawa yiSilo uDingane zifela izino zomnewabo iSilo saseMhlahlandlela  u-Mzilikazi esasixabane nabakwaZulu . Kusuke kushiwo yena u-Bheje Khumalo ezibongweni zeSilo u-Dingane uma kuthiwa ‘Obhambathe iNgome phezulu , izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela . Ziphume zinqini zonkana’

U-Mzilikazi wazakhela igama ngesikhathi soMfecane ngokuzakhela isizwe sikaMthwakazi esasinezigodlo ezidlula ama50 ngesikhathi sakhathi sakhe .Kulezo zigodlo singabala esasOJingeni , eNdinaneni , eMhlahlandlela , eMncwazini , eMkhwahla , nezinye . Ezinye zezigodlo zakhe zazakhelwe eMosega eNorth West kanye naseGauteng. Omunye umuntu owagqama kakhulu kulesi sibongo sakwaKhumalo nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo u-Cetshwayo kaMpande.

 

U-Mahlangeni wabe engowendlu kaDonda kaGasa nokuyindlu yaseZizibeni .Yena -ke wabe eyimbongi enkulu yeSilo u-Jininindi kaNdaba , wafela empini yaseMsebe ngenkathi uMntwana uZibhebhu ehlasela uZulu . UMntwana uZibhebhu wayehlome eyizingovolo ehlonyiswe ngamaNgisi ngezibhamu . AbakwaKhumalo abaseSwazini bangabesende likaMgangeni owazala u-Sisile owagana iSilo u-Mswazi wesibili kwazala u-Mntwana u-Ludvonga owafa ebulawa ngumfowabo uMbandzeni . Abanye babo bangabesnde likaMgcoyiza kanye noZiqu kaJele . U-Ziqu kaJele wabe eyinduna enkulu yakwaMaseko ehola ibutho i-Hlangabeza . Ubukhosi bukaMgcoyiza nabuya endaweni yakwaHlathikhulu eSwazini ngaphansi kweNkosi u-Makhosikhosi

Ake ngime lapho ! BeNtungwa nibahle nonke !

IZITHAKAZELO ZAKWA-KHUMALO     Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’eseNgome,
Nin’enithi nidla beniyeng’umuntu ngendaba..
Nin’enadl’izif’ezimbili ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi.
Mzilikazi kaMashobane,
Shobana noGasa kaZikode.
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yeNtini yawoZimangele, Nin’enal’ukudl’umlenze kwaBulawayo,,
Nathi mlenze wankoni lo?
Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome?
Donda weziziba akangakanani ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
Nina enehlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule
Mabaso owabas’entabeni kwadliwa ilanga lishona.
BaNtungwa abancwaba.
Zindlov’ezibantu. Zindlov’ezimacocombela.
Nin’abakwaMawela owawel’iZambezi ngezikhali.
Nin’abakwaNkomo zavul’inqaba,
Zavul’inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
MaNtungwa Aluhlaza,
MaNtungwa Amahle,
Bantwana benkosi, Nin’abakwaNtokela.
INkubela abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’abathe beth’ifil’uZulu kanti isiyethwese.
Yethwese ngonyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’uZulu.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda kaNdaba,
UNkone evele ngobus’emdibini,
Ndabezitha!!
Maqhaw’amakhulu!!!

Izithakazelo zakwaNgcobo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Ngcobo:

Mapholoba!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma

UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,

Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle ngathi azoshumayela!

Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona

Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina
Sihayo!

Izithakazelo zakwa Ngcobo with English translation:

Mapholoba! Maguya!
(Mapholoba! Maguya!).

Nyuswa kaDingila,
(Nyuswa, son of Dingila).

KaNgcobo kaVumezitha,
(Son of Ngcobo, son of Vumezitha).

Ngcob’ omhlophe,
(The white Ngcobo).

Ozal’ uNgongoma,
(Who gave birth to Ngongoma).

UNgongom’ azal’ ushangase,
(Ngongoma who gave birth to Shangase).

UMkeshana,
(Mkeshana).

Ngcob’ omhlophe,
(The white Ngcobo).

Ozal’ uGasela,
(Who gave birth to Gasela).

Fuze, Mavela,
(Fuze, Mavela).

Mafuz’afulele njengefu lemvula,
(The one who spreads out like a rain cloud).

Nina basemaQadini,
(You of MaQadi).

Enizal’ uDude noDabeka,
(Who gave birth to Dude and Dabeka).

KaSilwane kaNjila kaNgotoma,
(Son of Silwane, son of Njila, son of Ngotoma).

IQad’ uqobonina bakwaMgudwa,
(IQad’ uqobo – you of Mgudwa).

KaMshiwa kaNcume kaMgabhi,
(Son of Mshiwa, son of Ncume, son of Mgabhi).

Mashiy’ amakhulu!
(The great shields!).

Mashiy’ amade!
(The long shields!).

Mashiy’ amahle ngathi azoshumayela!
(The beautiful shields as if they will preach!).

Nin’ enibiye ngenkomo,
(You who fence with cattle).

Abafokazana bebiya ngamahlahla,
(While the commoners fence with branches).

Nin’ enitatanyiswa,
(You who are compared/equated).

Njengabafazi ningebona,
(Like women, you do not see).

Mpaka ziyaphikisana,
(The arguments/disputes contradict each other).

Ith’ enye yim’ igoso,
(One says it is the igoso).

Neny’ ithi yiyo!
(And another says it is it!).

Yemese kaNyuswa,
(Yemese, son of Nyuswa).

Nina bakaMbethe weqhina,
(You of Mbethe who ties the knot).

Sihayo!
(Sihayo).