AbakwaModise ๐Ÿ˜ Modise Clan ๐Ÿ˜ Modise Clan Prases & History ๐Ÿ˜ Umlando wabakwa Modise
Isibongo sakwaModise saqambeka ngoModise indodana ka Kata ka Sefiri (Marikgwe) ka Ntsikwe ka Mare(Patsa) kaTlopo. Lesi sizwe sakwaModise singabaFokeng bakaPatsa.
Phela abaFokeng bahlukaniswe kabili, kukhona abakaPatsa kanye nabakaMmutla. Indabuko yabeSuthu iyefana neyabeNguni, ย isenhlanezwe lena koSudan.
Lena eSudan abeSuthu kanye nabeNguni basuswa izibhamu zamaGreeki kanye nezamaArabhu. Kuthiwa isizwe sabaFokeng yisona sizwe esikhulu kunazo zonke izizwe zabeSuthu futhi yisona esafika kuqala kuleli leNgabade(Manzansi-Afrika) ngenkathi kusukwa enhla nezwe.
Iqhawe elagqama kakhulu kuBafokeng nguSebetwane ka Mangwane ka Ramangwane ka Malingwane ka Ramadingwane โ€ŽkaLesoli ( Sebotsa) ka Mangole ka Patsa. Lesinzwa yayiphila ngesikhathi seziNgonyama oShaka, uDingane kanye noMpande.
Ngesikhathi seSilo uShaka uSebetwane kanye nabantu bakhe ย wayezinze endaweni yaseNtabazwe akhelane nabaTlokwa bakwaMolefe. Ngaleso sikhathi abakwaMolefe babebuswa nguMaNtantisi unina kaSigonyela kaMokotjo owayebambele indodana yakhe uSigonyela eyayisencane.
USebetwane wasuka eNtabazwe (Harismith) ebalekela bona abaTlokwa bakaMaNtantisi abamhlasela wabaleka wawela umfula iGwa,wagcina ephelele kwelika Lewanyika (Zambia) nokuyilapho kukhona isizwe sakhe samaGololo buqamama nedolobha iLivingstone.
Isibongo sakwaModise sitholakala cishe kubo bonke abeSuthu (Tswana, Pedi kanye nabeSotho โ€Ž). UModise kuthiwa wakhothama ngonyaka ka1720, asazi-ke ukuthi wayezalwe ngamuphi unyaka. Kodwa wayezalwa ngu Kata kaSefiri njengoba besengishilo ngenhla.Yena -ke uModise wazala uMasokoane noNtahle.
UMasekoane wazala uLetseka, uRalefikilane noRampinane. URalefikilane wazala u Phutshwane noTlali(owazala abakwaTlali). UNtahle kaModise wazala uSeephephe owazala u Mahau, uMatete, uRakhetoa, uRampede, uMmamohato no Nkhase. Abafowabo bakaModise kwakungo Ntsukunyane noMatube
Abantu bakwaModise uma bethakazela bathiย 
Ke Mofokeng wa ha Modise
Wa ha Molatswana
Motho wa ha Kgetsi ya Maleke
Motho wa ha Sekono, seholokela noto
Ke Mofokeng, Mokomane wa ha Modise
Motho wa Matika a Lesawana
Motho wa ha Nyomenyome
Motho wa Matlapa ha le ribollwe
Motho wa Mahlono ha e phโ€Žome
Wa ha Kgono e matha ka lebelo thoteng
Izibongo ezihlobene nesakwa Modise
Mofokeng
Tlali
Mphofe
Nkupi
Mangole
Modipa
Mangwane
Mpinane
source: indabuko yakho dot com