shenge mnyamane kangqengelele sondiya phungashe sokalisa mnandingamondi
nina zinyawo ezimahhele!
Tag: buthelezi-shenge
Buthelezi: Shenge, Sokwalisa, Phungashe, Mnyamana kaNgqengelele! Mnandi ngamondi! Wen’ owadliwa ‘zindlovukazi zamlobolela! Nina ‘zinyawo ezimahhele, enaganis’ izintombi nanganye nangambili!
Izithakazelo zakwa-Buthelezi
Shenge,
Sokwalisa,
Mnyamana kaNgqengelele,
Phungashe,
Sondiya,
Mnandingamondi,
Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,
Nina zinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi nanganye nangambili!
Abantu bakwa Buthelezi Shenge
Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.
Izithakazelo zakwa Buthelezi
Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!