clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Cetshwayo kaMpande

Shingana kaMpande

Lona umntwana uShingana kaMpande. Wayethembeke kakhulu kumfowabo uCetshwayo kusukela empini yabantwana eNdondakusuka emeseke njalo. Nasempini yaseSandlwana wayehola ibutho elaliphethe umjojantana.

Kwala noma esekhotheme uCetshwayo wethembeka nakundodana uDinuzulu waze wayoboshwa abamhlophe ngenxa yokususa udushe empini yaseSandlwana. Wethembeka waze wakhothama ngo 1904, ekhothamela ekudingisweni eMntshezi abamhlophe. Wathi esegula wacela ukuthunwa lapho kwawela inkaba yakhe khona,eNdulinde kwelaseMandeni. Shingana kaMpande.

Isilo uCetshwayo kaMpande

Image may contain: 1 person, indoor

Isilo uCetshwayo kaMpande isona esathwala kanzima empilweni yaso.
Sazondwa ekhaya nangabezizwe abamhlophe, kodwa ke safuza uyise izul’eliphezulu uShaka naye wayezondiwe kubo uyise nasekhakhinina uMakhedama.

Isilo sokuqala ukumbatha izimpahla zabamhlophe futhi nokukhuluma isingisi nokufodwa izithombe kwaqala ngaye kwaZulu.

Wathi noma esebuya phesheya eNgilandi Isilo samaSwati uMbandzeni kaMswati wathumela amanxusa ukuzobona isilo uCetshwayo, okwanguMntanenkosi noMnkonkoni wakwaKunene baphekelezelwa ngemajaha, bafike bamotha umntakaNdaba, uJininindi omnyama uzitho ngokugwegwa kubakayise. BAYEDE wena wendlovu

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: