clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: clannames

Amakhosi akwaMkhize

Ukuzalana kwaMkhize:

ULanga wazala

UNdlozela owazala

USidweba owazala

UMdladla owazala

USibiside/Gubhela owazala

UMavovo owazala

UKhabazela owazala

UGcwabe owazala

UZihlandlo owazala

USiyengela owazala

UNgunezi owazala

UTilongo owazala

UNkasa.

Izithakazelo zakwaMkhize

Gcwabe!

Khabazela kaMavovo kaZihlandlo!

Mumbo omhlophe,

Wena waseMbo

Wena okhanya amasi esiswini,

Singela,

Ngunezi, mumbo ombulazi,

Sibiside esimaphandla esaphandla abeNguni bavungama,

Ni bengwazi emabhudle ethi isabhudla yabuye yaphinda yabhudla,

Malala amahle,

Nina enalala nomunwe navuka nakhwifilanga.

Nzalo kaSambela

Nzalo kaLuzalo

Zalankomo!

Izithakazelo zakwa Nhlenyama

Nhlenyama Clan Names :

Bhodoza!

Mageza ngobisi abafokazane begeza ngamanzi,

Bolile njengethanga!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: