Izithakazelo zakwa-Dube

Dube elimthemde!
Dube kaBayisa
Khushwayo!
Mbuyazi kaThekeli
Ongathekeli nakwandodakazi
UZwakele ndoda
Ongathekelemziniemincane
Othekelemzinemikhulu
Ongathekeli kwamakhelwana
Othekelemanxulumeni
Nina bakwaDonda kwaMbangambi
Ndlovu khaliphezinye zilibele
Nina bakwaNzwakele kaKhushu
Nina beshumi lamhla munye
Nina bakwaMagwazebuyelela
Nina beqhawe lakwaLindukudla Shozi!
KaFani kaNomkhwayiba
KaFana fuzamafu
Dlubuladledle!
Ntamo ngeyendlondlo
KaSiphabantu ngokubadlubulela
Ngeze ngonyama entanyeni
Ngoba yehle kanzima kanzizimela
KwaMgwezi wamaduna namathokazi
KaNomkhwayiba waseKunene
Silwane kaNjila kaNgothoma
Mqhawe
Ngcobomuhle
Mafukuzela!