clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: isizulu

AMAMBHUKA NOKUXABANA NOHULUMENI

AMAMBHUKA NOKUXABANA NOHULUMENI…

Ngomhlaka-12 kuNdasa(March), umLungu uJ.W Cross. Wabiza imbizo, ngenhloso yokuchazela isizwe saMabomvu, ngokukhokha intela nokubalwa-(Census). Okwakuwuku balwa kokuqala ezweni kazi i-Africa. Isizwe saMabomvu, sasingaphansi kweNkosi uNjengabantu kaSobuzwa kaMyoli kaNyoniyezwe kaMawele kaSomahhashi kaMatomela kaNdlovu kaNomafu kaNgcukumane kaMyaluza kaNgogo Ngubane.

Lesi sizwe sasibizwa ngokhokholozi weNkosi uNjengabantu, uMabomvu owayezalwa nguNgubane owaba yisibongo sawo aMabomvu. Lesi sizwe sasibuswa, futhi sizinze phakathi kwe-Greytown neDundee, ku-district yoMsinga, Mpofana, Ntunjana noMvoti.
INkosi uSobuzwa kaMyoli yehla esihlalweni sobukhosi, yasinika iNkosana yayo uNjengabantu, ngoba yayisindala kakhulu. Kodwa yaqhubeka nokumyala nokumkhulisa umfana wayo ngezokubusa isizwe.

Le mbizo ibizwa nje, vele isizwe saMabomvu, sase siqalile ukubona ukuthi uZulu amaNgisi awuhlukanisa phakathi ukuze akwazi ukuwubusa kahle. UmLungu uJ.W Cross, wayezochaza nange-S.N.A Circular no.6 no-10, yango-1904.

Le mbizo yabanjelwa khona eShikishiki esigodlweni seNkosi uSobuzwa kaMyoli Ngubane. Kwase kusukuma iNduna yeNkosi uNjengabantu kaSobuzwa, uPhikani kaSobuzwa Ngubane, wabuza ukuthi “kungani, kufanele aMabomvu abalwe.” lombuzo wake wabuzwa nayiNkosi uBhambhatha kaMancinza kaJangeni Zondi, nayo eyenqaba ukubalwa.

Lokhu umphathi weMvoti division, uJ.W Cross, kwamethusa kakhulu, kwazise phela aMabomvu ayehlome ngeziNgcula neziNhlendla, ephethe nezihlangu namawisa, ehlome ephelele. UmLungu uJ.W Cross, wayesethi aMabomvu awakhokhe intela eNduneni uPhikani, kwase kusukuma iNkosi uNjengabantu, yakuchitha lokhu.

Yathi “uHulumeni ugcwele inkohliso, uqale ngokuphoqa abantu ukuthi bakhoke intela yoPondo abayisikhombisa-7. Maqede wathembisa ukuthi lokho kwakuyophela emva kweminyaka emine, akwangaphela. Wase uHulumeni esungula i-Marriage Licence Fee, ephoqa ukuba kukhokhwe oPondo abayisihlanu-5. Kodwa kwangamufakela imali uHulumeni. Wase enquma ukwenyusa imali yamaKhanda yaya koPondo abayi-14.” lokhu kwasekelwa nayiNduna uQwaletsheni. Maqede yahlala phansi yalinda kuphendulwe umbuzo kamfowabo uPhikani, kodwa awuphendulwanga.

Yase ilinda ukuba kukhokhwe intela kumfowabo. Kuthe ngakusasa, yaqonda kuMessers .D. Hooper noJ Havemann eyobuza ukuthi kungani yena alindiswe isikhathi eside kangaka ngaphambi kokukhokhelwa na? Wase egcina ngokuthi umhlaba ngowamakhosi, akuwona okaHulumeni. Lokhu iNkosi yaphinde yakubuza umLungu uW Fitzgerald, owaye mukela imali yentela yeziNja. Kodwa lutho ukuphendulwa. Isenzo seNkosi uNjengabantu, senza abeLungu bamubone eyingozi embusweni kaHulumeni, banquma ukumehlisa esihlalweni.

UHulumeni wamaNgisi emva kokukhothama koMntwana uZibhebhu kaMaphitha, wabeka uBhokwe kaZibhebhu ukuba abe yiNkosi yakwaMandlakazi. Wase ubeka uMsenteli ukuba abe yisekela, kanti uMchitheka wabekwa wabayibamba bukhosi. Ngoba uBhokwe wayesemncane. Lokhu kwaMandlakazi akumukelwanga ngoba uMchitheka uyena owayemdala. Kanti noMsenteli owayesekwa ababe ngaphansi kukaFunwayo kaSiza Khumalo, Malunga kaMhuya Mpanza, Mhluzi kaSithanda Manqele kanye noMagqamuzana kaSondlovu Nxumalo. Baya ku-Minister for Native Affiars in Zululand, ePiertermaritzburg. Beyo khononda ngesenzo sikaHulumeni ngo-1905.

UHulumeni wamaNgisi wawusuqhekeza umuzi kaMntwana uZibhabhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama Zulu, ngenhloso yokuthola iMbhuka elihle kakhulu kuHulumeni, nelithembeke kakhulu…Nina, beNsimu ethe ukuvuthwa yaxholoba, zayidla amanhla, zayishiya amazansi!!!!

Nkwelo Major Zulu

Izisho nezincazelo

Izisho———-nezincazelo

1.ukupheka inyama ngomhluzi wenye—-ukuhlaba njalo

2.ukuncelisa umbele ofile—–ukukhohlisa

3.ukulala ngophondo——–ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza

4.ukuthwala——-ukuzazisa

5.ukuzizala——ukuzala ingane efana nawe.

6.ukulandela amabheka(izinkomo zamalobolo)——–ukufuza ekhabonina.

Ukwakhiwa kwamagama onobudlelwano

Ukwakhiwa kwamagama onobudlelwano

Njengakwezinye izilimi zaseAfrika, ungasebenzisa iziqalo neziphetho ukuze wakhe amagama onobudlelwano nanomqondo ofanayo. 

Bheka lezi zinhlamvu:

β€’ β€œmal” yamagama aphikisanayo:  dika / maldika, -khuluphele/ -zacile

β€’ β€œ-ul” yabantu: junulo, umuntu omncane

β€’ β€œ-in” isilili sesifazane: patrino, umama

β€’ β€œ-ig” ukwenza into yenzeke: beligas, yenza kube kuhle

β€’ β€œ-ebl” okungenzeka: trinkebla, -phuzekayo

β€’ β€œ-ej” indawo:  lernejo, indawo lapho kufundelwa khona

mal- isiqalo (ngaphambi kwegama), okunye iziphetho (okutholakala ekugcineni kwamagama).  Kunezibonelo eziningi esingazicabanga

Ngalamagama ungakha amagama anobudlelwano:

β€’ nova  β€“ sha

β€’ malnova  β€“ dala

β€’ novulo – oqalayo

β€’ novigi – vuselela

β€’ novigebla  β€“  okungavuseleleka

β€’ novulejo – indawo yabaqalyo

Lokhu kukusiza ukwakha amagama amaningi angebaleke, isibonelo bela, belulo, belulino,malbelulino, beligi, beligebla, beligejo…

Isenzo nesibanjalo

Ukulwangisa 😍 Yini ukulwangisa

Ukulwangisa example.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: