Tag: izisho
Izisho nezincazelo zazo
Isisho β Abafana boqunga
Incazelo β Imikhovu (omantindane)
Isisho β Amanzi amponjwana
Incazelo β Utshwala besizulu
Isisho β Insakavukela umchilo wesidwaba
Incazelo β Into eyenziwa njalo
Isisho β Izilo zokwelamana
Incazelo β Abantu abazalwa mfazi munye
Isisho β Ugwayi kakholo
Incazelo β Umuntu ongathanga chi
Isisho β Ukubhekwa isambane
Incazelo β Ukuba neshwa lokungaphumeleli
Izisho———-nezincazelo
1.ukupheka inyama ngomhluzi wenye—-ukuhlaba njalo
2.ukuncelisa umbele ofile—–ukukhohlisa
3.ukulala ngophondo——–ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza
4.ukuthwala——-ukuzazisa
5.ukuzizala——ukuzala ingane efana nawe.
6.ukulandela amabheka(izinkomo zamalobolo)——–ukufuza ekhabonina.