Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe . Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso . U-Mntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili ,u-Mabaso kanye nomnawakhe u-Khumalo .

Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo  sakwaKhumalo nguye u-Khumalo owayeluqhamukise enhla nezwe ekanye nomnewabo u-Mabaso .Laba bantu bakwaKhumalo bafika bazinza endaweni yaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni . U-Khumalo wazala u-Mkhatshwa , u-Langa kanye noYengwayo ongukhokho wabantu bakwaNgubeni kanye nabakwaNkomo .Ngakho-ke abantu bakwaKhumalo , abakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni bayizihlobo zegazi.

Ziyatholakala izikibha NAMA-HOODIE
Thola esakho isikibha, whatsapp here

 

U-Langa wazala u-Manzamnyama owazala u-Kholo owazala u-Mncumbatha owazala u-Mhlaba noMtshede . U-Langa wabuye wazala u-Mdetshe owazala cishe wonke aMantungwa aseMpulanga Koloni esingabala kuwo abakwaMacozoma , Tshangana , Phukwana , Sjemlana , Noyila , Ndlungwane , nabanye . Indlalifa kaMkhatshwa kwakunguZikode owazala u-Gasa (indlalifa) , u-Mashobana(ikhohlo)noMagawozi(iqadi) . U-Gasa wazala inkosana u-Magugu owazala u-Nkonyeni owazala u-Mthezuka owazala u-Mazungeni owazala uMandlalela .Endlini yasekhohlo u-Gasa wazala u-Donda owazala u-Maqandela owazala u-Mmbiyane . Eqadini u-Gasa wazala u-Siwela owazala abakwaNkosi oNdlangamandla esizabuye sixoxe ngabo.
 

U-Mashobana wazala u-Mdleleni (owazala abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo ) , u-Makhatha , u-Nzeni , u-Mzilikazi , u-Ntshembeni [owazala abakwaNtshembeni esisozobuye sixoxe ngabo ] , u-Njiya , u-Gqugqu , u-Noziwawa nabanye . Uzalo lukaMashobana lutholakala kakhulu kwelaseButhonga , koJozini , Mhlabuyalingana , nakoManguzi . Iningi labo lingabesende likaNjiya kanye nelikaNtshembeni . UGqugqu neNzeni bafa bebulawa ngumnawabo u-Mzilikazi ngoba ebasole ngokuthi babecheme noZulu ngenkathi yena u-Mzilikazi elwa exabene neLembe ngodaba lwezinkomo ayezidle kuHanesi wabeSuthu eHarrismith ethunywe yilona iLembe . U-Ntshembeni yena wasinda kulolo hlaselo lukaMzilikazi wabaleka walibhekisa eMozambikwe ngoba kwakusekhona aMantungwa akwaMabaso kuleliya zwe . Kwathi lapho ezwa ukuthi umnawakhe u-Mzilikazi wayeselifulathele elakwaZulu kwayima ebuya-ke u-Ntshembeni wafike wakha lapho sekulidolobha laseJozini khona .

U-Magawozi kaZikode yena wazala u-Bheje , u-Mabhede noNgazana . Zonke lezi nsizwa zafa zibulawa yiSilo uDingane zifela izino zomnewabo iSilo saseMhlahlandlela  u-Mzilikazi esasixabane nabakwaZulu . Kusuke kushiwo yena u-Bheje Khumalo ezibongweni zeSilo u-Dingane uma kuthiwa ‘Obhambathe iNgome phezulu , izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela . Ziphume zinqini zonkana’

U-Mzilikazi wazakhela igama ngesikhathi soMfecane ngokuzakhela isizwe sikaMthwakazi esasinezigodlo ezidlula ama50 ngesikhathi sakhathi sakhe .Kulezo zigodlo singabala esasOJingeni , eNdinaneni [sabe singesikaYise] , eMhlahlandlela , eMncwazini , eMkhwahla , nezinye . Ezinye zezigodlo zakhe zazakhelwe eMosega eNorth West kanye naseGauteng. Omunye umuntu owagqama kakhulu kulesi sibongo sakwaKhumalo nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo u-Cetshwayo kaMpande.

 

U-Mahlangeni wabe engowendlu kaDonda kaGasa nokuyindlu yaseZizibeni .Yena -ke wabe eyimbongi enkulu yeSilo u-Jininindi kaNdaba , wafela empini yaseMsebe ngenkathi uMntwana uZibhebhu ehlasela uZulu . UMntwana uZibhebhu wayehlome eyizingovolo ehlonyiswe ngamaNgisi ngezibhamu . AbakwaKhumalo abaseSwazini bangabesende likaMgangeni owazala u-Sisile owagana iSilo u-Mswazi wesibili kwazala u-Mntwana u-Ludvonga owafa ebulawa ngumfowabo uMbandzeni . Abanye babo bangabesnde likaMgcoyiza kanye noZiqu kaJele . U-Ziqu kaJele wabe eyinduna enkulu yakwaMaseko ehola ibutho i-Hlangabeza . Ubukhosi bukaMgcoyiza nabuya endaweni yakwaHlathikhulu eSwazini ngaphansi kweNkosi u-Makhosikhosi

Ake ngime lapho ! BeNtungwa nibahle nonke !

IZITHAKAZELO ZAKWA-KHUMALO
 
 
Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’eseNgome,
Nin’enithi nidla beniyeng’umuntu ngendaba..
Nin’enadl’izif’ezimbili ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi.
Mzilikazi kaMashobane,
Shobana noGasa kaZikode.
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yeNtini yawoZimangele,
Nin’enal’ukudl’umlenze kwaBulawayo,,
Nathi mlenze wankoni lo?
Ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome?
Donda weziziba akangakanani ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
Nina enehlula abeSuthu, noShaka engazange abehlule
Mabaso owabas’entabeni kwadliwa ilanga lishona.
BaNtungwa abancwaba.
Zindlov’ezibantu.
Zindlov’ezimacocombela.
Nin’abakwaMawela owawel’iZambezi ngezikhali.
Nin’abakwaNkomo zavul’inqaba,
Zavul’inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
MaNtungwa Aluhlaza,
MaNtungwa Amahle,
Bantwana benkosi,
Nin’abakwaNtokela.
INkubela abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’abathe beth’ifil’uZulu kanti isiyethwese.
Yethwese ngonyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’uZulu.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda kaNdaba,
UNkone evele ngobus’emdibini,
Ndabezitha!!
Maqhaw’amakhulu!!!