Izithakazelo zakwa-Kubheka

Khathide,

Masobode,

Wena owasobodela udlubu nokhasi,

Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,

Mbend’ebomvu enjengetolwane,

Boya obuningi obungangenyathi,

Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,

Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,

Sombheshane,

Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,

Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,

Ndolwane,

Magonondo!