meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

Tag: Mabunda-Clan

Mabunda clan names & History

Mabunda mhlabe hlaluku wako nyabhinde, owayempini anganamkhonto wabuya angananceba, ongasukeli muntu usukela omsukelako kuphela.

Khumbane clan names. Mabunda history

Abakwa Mabunda: isibongo sakwa Khumbane savela ngomabunda wakwa mazibuko owayeluqhamukise ngulucia bay lapho isizwe sakwa mazibuko sasizenze khona ngaleso sikhathi,abantu bakwa mazibuko baphuma kumangweni ingakho bebuye baziwe ngokuthi banga bantu abasemangweni noma Banga mangwe. Bakanye nabakwa mtirari,masuku,maswangayi nabanye .bekukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kukamabunda nezikhulu zomndeni wakwa mazibuko .imiphumela yaleyo ngxabano kwaba ukuduka ikhaya kukamabunda owayeqoqa bonke abalandeli bakhe wasingisa amabombo enyakatho . Kulolo hambo umabunda wayekade ehamba nomnawakhe umaswangayi owayemele emhlane, umaswangayi naye kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwagcina kuphume esinye isibongo esendeni lakhe, leso sibongo isibongo sakwa maswangayi ngenkathi umabunda nomaswangayi Kanye nethemba labo balifulathela endaweni yase tsanini/dzanini bebhekise amabombo ngase dalagubha . Abantu bakwa mabunda Kanye nabakwa maswangayi babuye bafuduka endaweni yase mpumalanga kwathi uma imindeni ithola baqasuka kakhulu ngoba umaswangayi, umtirari nabantu bakwa mazibuko Kanye nabakwa mabunda babenga zwani nabantu bakwa maswangayi . Lemndeni ayifunaga ukuamukela isimo bakhuluma namadlozi ukuthi abasafuni lutho olubahlanganisa nazingane zabo ,futhi ngeke Basa sebenzisa isibongo sakwa mabunda noma sakwa maswangayi. UMabunda beno maswangayi bahamba bayohlala elimpompo egiyani baqala isibongo esisha sakwa khumbane . Ukuze isibongo sande izingane zabo zenze okufanayo zagcina zathola amawele amathathu lezo zingane zaganela, ndimande, omunye waganela kwa nkomo omunye waganela kwa mazibuko, noma sebengazwani lezo zingane zakhohlwa ngokwehluka kwazo zaqubeka zathandana . Abakwa mtirari bathi ngeke bafulathele izingane zabo ngenxa yephutha loku thandana nesitha baqubeka bazwa baba ingxenye yomndeni wakwa khumbane . Yilapho ke sebekhone khona ukwenza isithakazelo base befaka umtirari esithakazelweni .

1. Abakwa khumbane uma bethakaza bathi

Khumbane
Mtirari
Matimba ya Dlayoni
Dlayoni ya Mhlaba
Mhlaba wa Hatloni
Hlatloni wa manevele
Loko swidzedze swifikile
Swita swi lava baka masuku
Loko vavila vilela
Kuxaniseka vaka
Khumbane
Ndondolobane
Ntshilani
Loko VA ololi VA olola
Vanthobeka loko
Vakhanziya nsinya bajika hirabi
Hina baka maswangayi
Hijika hiwisa
Vavula Hina
Khumbane

2. Izinto ezivunyelwayo kwakhumbane

– Umuntu oganelwa kwakhumbane akavumelekile ukuthi agcoke izimpahla ezinga delelisa noma ezinga nqgolisa isibongo sakhona

– uma kuphekwa inyama yenkukhu abantu besifazane abavumelekile ukuthi badle amagizatsi noma amathumbu enkukhu kufanele adliwe ngabantu besilisa kuphela

– uma kwenzeka kube nomhlangano akufuneki ukuthi ubanjwe umhlangano izikhulu zomndeni zingabikho

3 .ABANTU BAKWA KHUMBANE BAHLOBENE NENGULUBE .

Ngoba ukuhlasela kwe mpisi kwakuwububi belanga,ngalokhu ngichaza ukuthi ngelanga izingane zakwa mabunda nezakwa maswangayi zijikela imindeni yabo kwakuyisimo esikhathazayo. izinhlungu zokuphoqeka nezihlungu zempi zazibahlale emhlane

Ukhumbane yisibongo esitholaka kakhulu emazweni angaphandle phesheya . Kodwa eminyakeni ewu (1000) kwatholakala ukuthi Ukhumbane waye yi ndoda eyayihlala lana eningizimu Afrika elimpompo egiyani. Futhi amazwe amanye abone umlando Walesi sibongo usizakala bathatha amaphuzu alesi sibongo bawa sebenzisa ezibongweni zabo . Phesheya sebeqambe izindawo eziningi ngalesi sibongo njengamazwe abizwa ngo

– Mozambique
– Namibia
– Zimbabwe
– Angola
– Madagascar

Kulamazwe isibongo sakwa khumbane uzosithola ngolimi olwa hlukahlukene

5.ukhumbane yisibongo kakhulu kazi esisebenziswa amatsonga

UKhumbane ujwayelekile ukuthi ube isibongo samatsonga ngoba ukuhlukana kuka maswangayi nabazali bakhe bathi bazaziqambela esabo isibongo okwakuwu khumbane baphine baqeda bonke ubudlelwane babe nabo nobaba ka maswangayi baya elimpompo egiyani baqala impilo entsha bazibiza ngokuthi bangama tsonga ngoba babe ngena budlelwane nomaswangayi kusukela lapho ukhumbane useyi sibongo sase limpompo le ma tsongeni

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: