clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Magubane

Izithakazelo Umlando Magubane

Nomose!
Thole!
Ndlandla kaKubheka!
Jiyane!
Malinga!
Wen’ owalinga izintaba zaganana,
Nhlun’ emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi,
Mzilankatha!
Msenganduna namathokazi,
Nongalo
Wen’ ophika nelanga,
Didiza,
Msuthu wasenhla
Zibaya!
Wena wakwaMphahl’ emhlophe, ingabamnyama yeza nomlandakazi
Wena wakwaNkom’inkone
Zinja zafulathelan’ entabeni yakwaMagubane
Wena wakwaThole
Kungesil’ ithole lenkomo
Kodwa kuyithole lomuntu.

Umlando wabakwa Magubane:
Abantu kudala babesebenzisa amagama oyise babo ukuzibiza, ngalokho izibongo zazingekho. Umlando wabantu bakwaMagubane ukhomba indabuko yabo eFree State.

OMagubane bakholelwa wukuthi baphuma eNtabazwe, ngenxa yesomiso nendlala, behla behamba befuna indawo engcono ngenxa yemfuyo eningi ababenayo.
Bahamba baze bafika KwaZulu besuka eHarrismith. Kusukela lapho ukubizwa kwabo ngabesuthu basenhla.

IZITHAKAZELO ZAKWA-MAGUBANE

Nkomose,
Dibanto,
Thole,
Malinga,
Wena owalinga izintaba zaganana,
Nhlun’emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi,
Mzilankatha,
Msenganduna namathokazi,
Ndlandla,
Kubheka,
Jiyane,
Nongalo,
Wena ophika nelanga
Didiza,
Msuthu wasenhlaZibaya !
Snquma!

Peter Sexford Magubane

Peter Sexford Magubane was born in Vrededorp, now Pageview, a suburb of Johannesburg, and grew up in Sophiatown.He began taking photographs using a Kodak Brownie box camera as a schoolboy.

In 1954 he read a copy of Drum, a magazine known for its reporting of urban blacks and the effects of apartheid. “They were dealing with social issues that affected black people in South Africa. I wanted to be part of that magazine.”

He started employment at Drum as a driver. After six months of odd jobs, he was given a photography assignment under the mentorship of Jürgen Schadeberg, the chief photographer. He borrowed a camera and covered the 1955 ANC convention. “I went back to the office with good results and never looked back.”

Being on assignment in the early years was not easy, as he recalled: “We were not allowed to carry a camera in the open if the police were involved, so I often had to hide my camera to get the pictures I wanted. On occasion I hid my camera in a hollowed-out Bible, firing with a cable release in my pocket. At another time, at a trial in Zeerust from which the press were banned, I hid my Leica 3G in a hollowed-out loaf of bread and pretended to eat while I was actually shooting pictures; when the bread went down, I bought milk and hid the camera in the carton. And I got away with it. You had to think fast and be fast to survive in those days.”

Magubane photographed most of South Africa’s historic moments, such as Sharpeville in 1960 and also Mandela’s Rivonia trial in 1964. He later recalled: “I had never seen so many dead people.” His editor wanted to know why he had not taken any close-ups. Magubane then “decided I was not going to get emotionally involved, or at least not until after I have done my work.

Magubane clan names?Izithakazelo Magubane?

Magubane clan names 😍 Izithakazelo Magubane
Magubane
Nkomose
Jiyane
Ndlandla
Msenganduna Msenganamatholekazi
Mpahla emhlophe ethe qhwa

Abaphathi Bomhlaba ?

Izithakazelo zakwa Magubane

Izithakazelo zakwa Magubane

  • Nkomose,
  • Dibanto, Jiyane,
  • Thole, Sothole,
  • Snquma, Didiza,
  • Mzilankatha Ndlandla,
  • Nhlun’emhlophe egezwa ngobisi
  • Ithi ingaba bomvu kube eyomlandakazi,
  • Malinga owalinga amatshe aba zintaba,
  • Msenganduna namathokazi!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies zakwa Magubane Whatsapp / call: 061 868 5163

Izithakazelo zakwa Magubane
Izithakazelo zakwa Magubane

Prices:t-shirt: R200Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa Magubane

Magubane
Nkomose
Dibanto
Thole
Malinga
Wen’owalinga intaba zaganana
Nhlunu emhlophe,engaba bomvu
Ngeyomlandakazi
Mzilankatha
Msenganduna namathokazi
Ndlandla
Kubheka
Jiyane
Nongalo
Wena ophika nelanga
Didiza
Msuthu wasenhla
Zibaya,Snquma

Ndwandwe clan 😍 Izibongo

KwaNdwandwe kuzalwa uMngcwanga
UMngcwanga uzala uFekhaya
Isizukulwane sakhe uNhlekela noZwana noPhakathi

UNhlekela uzala uMsane
UZwana azale uMzimela
UPhakathi azale uMfeka

UMsane noMzimela kanye noMfeka yinto eyodwa ngimile kulelo.
UNtaka uqale eZaphowane ngokudla izintaka labo bangabakwaMzimela.

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

Izibongo zeSilo uSolomon kaDinuzulu

INkayishan’enkulu kaMenzi
Ephuz’umlaza ngameva
Ulanga lisehlule madoda sesingavikithi
Ngosib’olusenkundleni
Kith’oSuthu
Luntula noyedwa ongaluthintayo

UNogwaj’oshiy’izinja zasOndini
UNgcede onyonkel’isife singawi
UMadlokovu sabel’uyabizwa
Bakubiza eNkonjeni

Ubizwa ngabamhlophe abelungu
Kawubizelwa ndaba zalutho
Bakubizel’ukukhuluma
Ngomhlabathi wakithi kwaMalandela
Bakubiz’ePitoli wavuma
Bakubiz’eMgungundlovu wavuma
Bakubiz’eShowe wavuma
AbakwaZulu bakubiza ngohlanya

Bathi mtakaNdaba uyazula
Ngoba udonse ngentambo ende yosizi
Wabuya ngentambende yosizi

Wathatha iziphakanyiswa
Wathi kazihlale ndawonye
Zibenjengamankankane
Wona ahlala ludweni lunye
Enqamulela umsundu
Umudli waMakhobongwana amabili
Elinye kungelakwaMadumelana
Elinye kungelakwaFelaphakathi

INyath’emnyama kaNdaba*
Eshoba limhlophe nasogabeni
Efuz’amahlath’amabili
Iwaphindela
Ngoba ifuze uMkhombe
Yafuza iNkonjeni
Lapho kuhlangana khona izifunda
Kwakungezemiful’emibili
KwakuyiSikhwebezi
Kanye neMfolozi

Umshisi wesikhotha
EsiseZindumeni phezulu
Kuze kuyosha esikuNdaba
Esibanzi ngasoPhongolo

UPhongolo olumanz’abomvu
ISigolodla sikaNdaba
Esibheka umuntu
Kube sengathi simjamele

Uphaphe oluphezu kwendlu
KokaNtuzwa
Kakho noyedwa
Ongalwathulayo
Ngisho kwabamnyama
Ngisho kwabamhlophe

INkomankoma kaNdaba
Ekhaz’amajaji
Lapha kwaNongoma
Yaze yakhaza aseEShowe
Umvuli wamasango
Namhla izwe belivalile
Abamhlophe abelungu

USingqungqungqu!
Kakhulumi kanamlomo
Unjengongaphakathi
Ezihlangwini zamadoda
Ugwabaa ebeliphethe mgodo
Nonhloyiya angalibuka
Az’akhathale

Umpondo zinde
Zingangamagudu ngawezinyathi
Indaba yenziwe
Ngamadoda ngawakwaNobamba

Yenziwe nguNdabankulu
Ezalwa nguluKhwazi
Yenziwe nguLokothwayo
Ezalwa nguZembe
Yenziwa nguMankulumani
Ezalwa nguSomaphunga

Abathath’izinkomo
Zakith’eMahhashini
Baze bazithela ndawonye
NezakwaNgenetsheni
Lidume lawathela
Amathons’esilimela

INkosi efungelwe
Ngamhlophe abelungu
Bathi akusekubakho Nkosi
Kithi koSenzangakhona

UmtakaNdabaa!
Uhlomel’ehlathini
Kwathi izibilini zamaJaji
Zabhambazela!
Kubhangazel’uMchitheki
Obezalwa nguZibhebhu

Kanti umtakaNdaba
Akaxabene namuntu
Wayeyodla umhlambi
Wezinyamazane nangaseNkonjeni
UMdlongodli wakithi Ezibindini
INcwincwi kaNdaba*
Ephuza kwezind’iziziba
Ithi ingaphuza kwezimfishane
Ibuya nodaka
Umthungo wofa lwembiza
Eyathubekela oThukela
Eyachezuk’izingcezu ezine
Olunye lwaya oSuthu
Olunye lwaya kwaMandlakazi
Olunye lwaya kwaNgenetsheni
Olunye lwaya kwaDukuza kaNomboza

Othunga limbe
Seliyosengula lingenamantshumpa
Umhlanganisi wemihlambi efanayo
Uhlanganise uNgenetsheni kanye noSuthu
Wahlanganisa uMandlakazi kanye noSuthu
Wahlanganisa uZulu wonkana

USeqamkhaya!
Losatshwa zinkonjane
NgezikaFalaza nezeMbokodebomvu
iNkosi ebhale ngozipho
Mhla iyakwehlukanisa
AMampondo kanye namaXhosa

Ngeshoba leNkonkoni
Elalibhul’izangoma
NakwaSoshangane
Izanoma zamnuka kwaMchunu
Isibhuxa esimathanga abushelelezi
NgesokaNtuzwa
Usikhafula mithi
Iphekiwe endlini kwabo
KokaNtuzwa

UMqwalajuba ngowoBeyisilie
UMqwalajuba ziyakwethuka
AmaWombe
Intaba ehlal’iNgonyama
Ngokwesab’izulu
Ukuduma

Kwathi iziphakanyiswa
Zayivula imilomo
UBayede!
UBayede kaNdaba!
INkosi yohlanga!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

Izithakazelo zakwaMagubane

Izithakazelo zakwaMagubane

Nkomose,
Dibanto, Jiyane,
Thole, Sothole
Snquma, Didiza,
Mzilankatha Ndlandla,
Nhlun’emhlophe egezwa ngobisi
Ithi ingaba bomvu kube eyomlandakazi,
Malinga owalinga amatshe aba zintaba,
Msenganduna namathokazi!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: