amaNyandeni aMpofu kaMashobane weSidunu seNsingiza, Wokulandelwa yintombi ithi ngizeke noba awula nkomo, Vumisa kaNgono, Msongi wensimbi eyibeke khanda, khona amagwala ezombalekela, Shobane owagaqa ngamadolo aze aphocuka, Ophuz’ amanzi ngokuwabona, engakawaboni komi ! Sango libhekezansi. Akophuma nkomo kophuma amadoda kuphela, Zingwe zombili ezalwa zabulalana kwantaba Ntshanini, ingane ziyaphakelwa ndawonye, Ngwadla phangela izigqala zako Libose, Inyama yenyamazane edliwayo, oyidlayo engayisoli, oyisolayo engayidli ngoba engayidla uyozisola yena.