clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: mthondo

Izithakazelo zakwa Mnikathi

Mnikathi, Khaphela, Gcwensa, Β πŸ™ŒΒ 

Maqoqo, Soyika, Mngethwa,

Noziphaka, Gwingcane, Mthondo

khweli ntaba, Nina enancisha ingane

inigqolozele, Nina enafumbatha

ngakubili abafokazane befumbethe

ngakunye, Nina botho elidala, Nina

bakanogubuza phezulu eZulwini, Nina

babali bentuthwane yadluli thwele

yadlulingathwele, Mavulihlathi

kwavulekindlela ebheke Mgungundlovu. Nime njalo nina

bekhehla ingundla zintaba yaze yayophelela ezintabeni zaseMthulini

uManzini Mnikathi uziguduzile zaka Zulu bembiza Mnikazi wezinto

waliguduza elaseSwatini bambiza Mnikati namuhla baziqhenya

ngesihlangu sakho kwesikaMswati, ubuze uNxamakala uyazi kuthi lesihlalo aqhiyeme kuso esikabani. Gcwensaaaaaa ! πŸ™ŒπŸ™Œ

Izithakazelo zakwaMasuku

Izithakazelo zakwaMasuku

    • Zisongo,
    • Zwide kaLanga,
    • Nhlane,
    • Thunda bathole abafokazane,
    • Snqamu sobhedu,
    • Maphanjwa!
    • Mgano owamila emini ebusuku wawohloka,
    • Wena owaguda inkomo nethole layo,
    • Sihlahla esingahlalwa zinyoni,
      Zwide KaLanga.
  • Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

    error: