AbakwaMtirara 😍 Mtirara Clan History 😍 Mtirara Clan Praises 😍 Izithakazelo zabakwa Mtirara
Nina bakaNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla somdlebe! Enhla nasezansi ngiyabingelela egameni lomlando wakithi kwaMalandela.
Namuhla sizobheka isibongo sakwaMtirara. Laba bantu bakwaMtirara bangaBathembu baseRhoda, bahlobene nabantu bakwaMvelase, Matanzima, Dal‎ingyebo, nabanye.  NgesiZulu isibongo sakwaMtirara siphinyiswa ngokuthi ‘Mthihaha’. Kukhona nomsakazi wakhona kwaMtirara odlala kuMetro FM, igama lakhe nguPaul Mtirara.
Abantu bakwaMtirara akuwona amaXhosa ngokwendabuko. Imvelaphi yabantu bakwaMtirara ikwaZulu eQhudeni. Laba bantu bakwaMtirara bangabesende lika Ndilo umfowabo omncane kaMvelase. Bobabili babengamadodana kaMthembu owazala bonke aBathembu jikelele. Kuthiwa kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMvelase kanye nomnawakhe uNdilo. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uNdilo adube ikhaya abhekise amabombo entshonalanga ayokwakha phakathi komfula uMzimkhulu neKoloni yaseKapa.
Ngesikhathi sombuso weLembe abantu bakwaMtirara babebuswa inkosi uNgubengcuka owabe engumzukulu kaNdilo waseBathenjini. Igama lomuzi wakhe kwakuse Mgwali.   Inkosi uNgubengcuka yazala indlalifa yayo ogama layo kwakunguMtirara iyizala kuNdlunkulu wayo uNonesi indodakazi yenkosi uFaku yaseMampondweni. Kwenye indlu inkosi uNgubengcuka yazala uMnqameni.  Inkosi uNgubengcuka yakhothama ngonyaka ka 1830.
Ngaleso sikhathi uMtirara okwaqanjwa ngaye isibongo wayesemncane kakhulu ngakho-ke ubukhosi bathabathwa nguJoyi umnewabo wenkosi uNgubengcuka owabusa njengeBambabukhosi likaMtirara wayesakhula. Ngenxa yezimpi zakwaZulu ezazishisa bhe ngaleso sikhathi uJoyi ebonisana noNonesi unina kaMtirara bakubona kukuhle ukuthi bafuduke babheke ngase ngaseRhodana endaweni eyaziwa manje ngokuthi iseLady Frere,kwakungunyaka ka 1838 ngaleso sikhathi kanti kwaZulu kwabusa uVezi.
Nakhona eLady Frere abahlalanga isikhathi eside ngoba baphinda bafuduka bayokwakha ngase mfuleni iNdwe endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaGqebenya. Ngaleso sikhathi isizwe sasesiholwa nguNonesi luqobo ngoba uJoyi wayeseshonile, kanti noMtirara wayesemncane engakakulungeli noma engakafiki ezingeni lokubusa.
Kwathi ngonyaka ka 1840 wagcotshwa -ke uMtirara njengenkosi. ‎Ihlalankosi lakhe lalisendaweni yaseRhodana. Inkosi uMtirara yazala amadoda amaningi kodwa kwagqama abathathu nje kuphela. Lawo madodana ngo Ngangelizwe (inkosana), uRhaxoti Mathanzima (ekhohlo) kanye no Mthanta(iqadi).
Inkosi uMtirara yakhothama ngowezi 1855 ngaleso sikhathi indlalifa yayo u Ngangelizwe yayisencane ngakho-ke uGogo wayo uNonesi waphinde wayebambela futhi nayo. UNgangelizwe wagcotshwa ngowezi 1860 nokwathi ngemuva kokugcotshwa kwakhe wakhetha okuyovusa umuzi kayisemkhulu wakhe uNgubengucuka waseMgwali. UGogo uNonesi yena wakhetha ukuqhubeka azihlalele ngase Gqebenya no Mathanzima. KuMathanzima kwabuye kwakheka obunye futhi ubukhosi maBathembu obaziwa ngokuthi ‘amaHala’. Lobo bukhosi namuhla busendaweni yaseCofimvamva.
Kwathi ngemuva kokudliwa kwendawo yaseCofimvamva idliwa ngamaMaGcaleka kwaqokwa inkosi uMathanzima ukuba kube yiyona nkosi yesizukulu sikaMtirara, wachithwa kanjalo uNgangelizwe.
Inkosi uMathanzima yalandelwa indodana yayo inkosi uMhlobo eyalandelwa inkosi uMvuso eyalandelwa umnewabo uDalubuhle owayebambele inkosi uKaizer Mathanzima eyayisakhula. Aah! Daliwonga!
Enye ingxenye yesizwe sakwaMathanzima nansiya endaweni yaseMbembesi ezweni laseZimbabwe. Yona-ke yayifike kuleliya zwe ilethwa nguCecil Rhodes wamaNgisi ngenhloso yokuzophazamisa umbuso weSilo sakwaBulawayo inkosi uLobhengula kaMzilikazi.
Inkosi uKaizer Mathanzima yabekwa ngonyana ka1966, yabusa kwaze kwaba unyaka ka2003 nokuwunyaka eyakhothama ngawo. Aah! Daliwonga!!
 Yona-ke inkosi uKaizer Mathanzima yalandelwa umzukulu wayo uLwandile kaMthetho kaRhaxoti Mathanzima ka Mtirara. Ah! Zwelenkosi!
AbakwaDalindyebo
 ABathembu bakwaDalindyebo nabo baphuma kuNdilo umnawakhe kaMvelase. Bona-ke baphuma endlini encane nokuyindlu kaNtongakazi owalandelwa inkosi uBhomoyi owalandelwa inkosi uCedume owalandelwa inkosi uMnqunti owalandekwa inkosi uNtoyi owalandelwa inkosi uNxeko. UNxeko walandelwa inkosi uDlomo owanqoba umfowabo uHlanga empini yaseMsana kubangwa ubukhosi. Inkosi uDlomo yalandelwa inkosi uHala eyalandelwa inkosi uMadiba eyalandelwa inkosi uTato eyalandelwa inkosi uZondwa eyalandelwa inkosi uNdaba ‎. Inkosi eyayibusa ngonyaka odlule inkosi Buyelekhaya Dalindyebo. Aah!  Zwelibanzi!