Izithakazelo zakwa Ndabandaba

Khathide, Mphephethe, wena owadla umkadadewenu wathi akananyongo, akanamhlwehlwe. Mnyambo, amanyamba asezitheni aqalingene alingise insimu indonda ukumila. Mkhosana omncane ngokuzilamulela. UMnene ngimbonile ngimbonile ngamashoba okukhanya, Mnene dlana imfe mina ngidle ugaba.