IQHAZA LEQHAWE UNOMAGONONDO, EKWAHLULWENI KOMNTWANA UZIBHEBHU…

“UMkhangula Jozi ngaphansi kweTshana.

Ulikhangule ngoFalaza. USomkhanda wakithi eMkhontweni…”.

Lezi yizibongo zeNkosi uDinuzulu, eyazithola emva kwempi yaseTshaneni lapho kwehlulwa khona uMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama. Owahlubuka eNkosini uCethswayo emva kwengxabano, eyaba phakathi kwakhe uMntwana uZibhebhu noMntwana uNdabuko kaMpande wakwaMinyamanzi. Waze wathi uMntwana uZibhebhu “umuntu wagwaza iNkosi qede wafa yena. Mina ngixabene noNdabuko, angixabene neNkosi.”.

Ngala mazwi, uMntwan uZibhebhu wayevezela iNkosi uCetshwayo, ukuthi, wayengaxabene nayo, kodwa wayexabene noMntwana uNdabuko, owaye mubukela phansi. Lengxabana yalandela impi yaseSandlwana, lapho amabutho akhe uMntwana uZibhebhu ayeholwa nguNomagonondo kaNtini Gumbi, uSikhizane kaNomageje Buthelezi, uDundu kaMawewe Nxumalo owayeyiNduna yaseMsebe, kanye naye uMntwana uZibhebhu egqishe neNkosi uCetshwayo.

Kwase kunokubukela abakwaMandlakazi phansi, bebukelwa yiNdlunkulu kaZulu. Lokhu kwakugqanyiswa nguMntwana uNdabuko kakhulu. Angizuku gxila kakhulu kulokhu kubukelana phansi kwabo.

Kodwa kwakungekuhle ngoba phela, uMntwana uZibhebhu kaMaphitha, uyena owathatha uMntwana uDinuzulu, wayomubeka oPhanyekweni kuNdlovukazi uKhundlase, emva kukwehlulwa kukaZulu empini yaseGingindlovu eyagcina iwele umfula iNyezane, iholwa nguMavumengwane kaNdlela kaSompisi Ntuli, noPhalane kaMdinwa Mkhwanazi owayeyisikhulu sakhona eGingindlovu, noSomopho kaSikhala Mthembu.

INyanga yempi lapho, kwase kunguKhondlo kaMabuza kaMzila Mazibuko ngaphansi kweNkosi uCetshwayo. Yehlulwa ekaZulu, yahlehla, amaSotsha amaNgisi aphikelela oNdini efuna ukubopha iNkosi uCetshwayo, aze ayithola emzini kaShoyisa Mbuyisa.

Ase eyithatha eyoyibophela epulazini i-Orde Molen eKapa. Amaqhawe amaningi abuka, angakuthanda okwakwenziwa yiNdlunkulu kaZulu, emva kukusizwa empini yaseNdondakusuka kuze kuyoshaya kwe yaseSandlwana. Amaqhawe anje ngoNomagonondo kaNtini Gumbi nabo oSikhizane kaNomageje Buthelezi. Ngakho-ke bahlubukela kuMntwana uZibhebhu kaMaphitha.

Kwahamba kwaqubuka impi yaseMsebe, lapho kwasala khona amaqhawe amaningi oSuthu ngemikhonto kaMandlakazi owawuholwa yiqhawe uSikhizane kaNomageje, uZulu uholwa nguMntwana uDabulamanzi kaMpande Zulu. Kwasala iqhawe uMyeza kaMsongane Nzuza, kwasala iqhawe uGwaba kaNkunzi Ntshangase namanye avelela ngokuhlabana eMsebe uSuthu lwahlehla. UMandlakazi wathumba uMntwana uZiwedu kaMpande. USuthu lwalulekelelwa nguMntwana uHlezibane kaMkhanyile Zulu, kodwa naye walahlekelwa eMsebe.

Kanti noMntwana uHhamu kaNzibe Zulu kwaNgenetsheni, wangakuthanda lokhu uMntwana uNdabauko nabanye eNdlunkulu kaZulu ababekwenza, becwasa uMandlakazi wonkana. Naye wagqisha noMandlakazi, kwaqubuka impi yasoNdini, belujuma uSuthu, kwalala ucaca. INkosi uCetshwayo yasinda ngokuthi galo yephuka. Sekubusa iNkosi uDinuzulu kaCetshwayo, kwaliwa noMandlakazi izikhathi eziningi, uSuthu lwehlulwa njalo.

Kwaze kwasungulwa oHambebusuku ababe holwa yiqhawe uNsukuzonke kaHlokolo Ndwandwe, noMntwana uDabulamanzi kaMpande Zulu ababe bulala ababengahambisani nombuso weNkosi uDinuzulu.
Kwaze kwelekelela iqhawe uNomagonondo kaNtini Gumbi, wayokhonza ngaphansi kweNkosi uDinuzulu. Wafike wahlebela iNkosi ngamaqhinga okuwisa ubukhosi boSuthu, ayevuke nawo uMntwana uZibhebhu. Lwaqala ukunqoba uSuthu, kwaNdunu lapho kwahlabana khona iqhawe uSiqatha kaNgonela Ntombela, neqhawe uMkhentu kaMacala kaNgwadla Nyandeni. Wahlehla uMandlakazi, ngisho nasempini yaseTshaneni wehlulwa uMandlakazi. Lwanqoba kukubi uSuthu…”USuthu! Uthuli lwempi wethu!”..