Izithakazelo zakwa-Ngidi

Hlomuka,
Bophela,Busane
Fuyane, Mazinga,
Mlalazi kaNoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka laseMakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso estikini,
Wen’okandunu mabukwa yombili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu!
Jiji Mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni!