• wena sango elingezantsi, lapho besa khona imilomo!
  • wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha!
  • wena kamboma os’hlahla samila edwaleni!
  • wena kasoqhafuza, umlung’ odla izinkobe!
  • wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo!
  • inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni, iyalikhahlela!
  • wena okhishwa ngenoni emgodini!
  • wena ophatha amakhosi uma esedukuzela!
  • wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse!
  • wasuka lapho waxhoshiswa ngokasenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo!
  • wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kungunodumehlezi kamenzi!
  • mboma, wena wase nkandla!!