Umlando wakwa Ntuli 😍 Ntuli origin

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele. Batholakala endaweni engaphansi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo, eMnambithi. Baziwa kakhulu ngokuthi uma befunga bathi, “Ngiwafunge aMabhele eseLenge!” Amanye aMabhele atholakala ngaseNtabeni yaseNkuzi ngenhla nomfula iNdaka ngaseWashibhange.

Kuthiwa langa limbe iNkosi uShaka izipholele ngaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona. Kuthiwa kwakukhona amadoda, abantu besifazane nezingane. Kuthiwa bathi uma befika ngasemfuleni uThukela iNkosi uShaka yababuza ukuthi babalekani bathi babaleka amazimuzimu. Kuthiwa iNkosi yayalela induna yayo eyayihleli nayo uMaphitha kaSithole ukuthi akahambe ayohlala nalabobantu ngaphansi kwentaba iLenge abagade bangadliwa amazimuzimu.

Kuthiwa iNkosi uShaka yabahlalisa ngaphansi kukaZihlandlo kaGcwabe Mkhize, endaweni yaseNkandla. Bafika eNkandla babizwa ngokuthi ngabakwaNtuli ngoba kwabonakala izintuli zishunqa bebalekela amazimuzimu. Bahlalisana kahle nabantu baseMbo kwaze kwavela uNdlela indodana kaSompisi Ntuli.

UNdlela wayehlakaniphe kakhulu waze wenziwa uNdunankulu kaZulu ngesikhathi kubusa uDingane kaSenzangakhona. UNdlela kaSompisi wasindisa uMpande ngesikhathi uDingane efuna ukumbulala ukuze athathe ubukhosi, kuthiwa uDingane wapha uMpande izinkomo eziyi 100 ngoba wayazi ukuthi uzohamba ayombonga. USompisi waxwayisa uMpande ukuthi angayi kuDingane ngoba uzombulala. UNdlela wagcina ebulewe uDingane ngoba eseka uMpande. Ngemuva kokubulawa kukaNdlela aMabhele eNkandla abuswa uGodide inkosana yakhe. UGodide wazala uMangati kwathi enye indodana kaNdlela uMavumengwana yena wazakhela ugazi ezikhulwini zezwe ngoba wayekhuthele kakhulu.

UMavumengwana wayeyibutho futhi engumngani omkhulu weSilo uCetshwayo. Ngenxa yobuqotho bakhe izikhulu zamsikele izwe ukusuka eNtumeni, eShowe kwaze kwagcina oThukela. Ufike khona wakha umuzi wawubiza ngokuthi kukwaNhliziyonde. UGodide, uMavumengwana kanye noZinti bakaNdlela Ntuli balwe izimpi zikaCetshwayo. UMavumengwana uzale uMfungelwa ozale uGqokinsimbi ozale uMzungezi ozale uS’thembiso obusayo njengamanje oYaya naseMbongolwane, eShowe. Obunye ubukhosi bakwaNtuli bukwaMkhonto, KwaNgoni endaweni yaKwaMaphumulo.

Amanye aMabhele atholakala ogwini oluseNingizimu neKwaZulu Natal. Abantu bakwaKhuboni bayingxenye yaMabhele. Bakhona nabanye abasesifundazweni saseMpumalanga KwaGuqa eWitbank ngoba uGuqa kwakungesinye sezibonda zakwaNtuli. Abantu bawela umfula uMzimvubu bakhelene nezizwe zamaXesibe eMpumalanga Kapa.

Izithakazelo zakwaNtuli

Mphemba!
Nin’ eniphemba ngamabele
Abafokazana bephemba ngezibi!
Sompisi!
Bhel’ elikhulu!
Khuboni!
Godide!