clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Pembe kaLokothwayo

Msimango / Msimanga Clan Names

Izithakazelo zakwa Msimango / Msimanga:

Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile,
Amazala nkosi ngokuzala uBhungane,
uMdidwa zindlubu ezamila eMthondweni,
uShwamisa ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwa Dlomo, Dlomo dludlu kwabendlwana,
Wena kaSengama owangamela imizi yaba Fokazane ngeJozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo/ngomcacambane, Nina enama ngensimu yase MaNtshalini yaphenduka imfaba,
Amadlela phezulu ngenxa yokusaba amanyala, uGembe uNkonka weFusi, Mathanjeni !!! 🙌🙌🙌

oMsimango bangamangali uma ezinye zezithopho zabo zingekho. Phela kukhona izithakazelo bese kuba khona nezithopho ezingabathiti bonke. eg njengo kuthi nje: Oooh! Sengama..! kukhona abanye abangamsebenzisi nhlobo kodwa uzwe bethi Mathanjeni, Gembe. Isithopho yilapho khona usuqondanisa nendlu aphuma kuyona noma kukhona kukhokho wakhe lowo muntu kodwa izithakazelo zihlanganisa bonke labo bantu baleso sibongo.

Izithakazelo zakwaMsimango

Izithakazelo zakwa Msimango

Thabizolo,
Nonkosi, Mlotshwa,
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: