Marepula,
Nkwali, Mkwanazi,
Bukula, Mlabatheni,
Mafuze fulele njengefi lemvula,
Radebe, Mthimkhulu,
Ndlebende, Zombini,
Grootbooi, Hlubi !
Tag: Radebe
Izithakazelo zakwa Radebe:
Ndingu Radebe uMthimkhulu uBhungane uNdlebentle zombini uMashiy’amahle uMakhulu-khulu uMafuzafulele njenge lifu lemvula inkosazana yaseMaHlubini ka Langa libalele uBlom obovu ongasekhoyo inkulu ka Solomon no MaManci abalele ukuthula… Ah eMaHlubini! 🙌🙌🙌
Ngabe uRadebe ungumZulu noma ungumXhosa? Isizwe samaXhosa sakhiwe yizizwe nezibongo. … Ukwenza isibonelo, uRadebe uyisizwe esincane, kodwa isizwe sakhe esikhulu sibizwa ngokuthi AmaHlubi.
ORadebe bangamaHlubi.
Radebe/Hadebe
Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾
Ukuthukuthela ugane unwabu
loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi.
Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala.
Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi ebe ediniwe