clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: shandu-clan

Izithakazelo zakwa Shandu Clan Praises

Mbatha,
Shandu kaNdaba,
Sontshikaze, Manyosi,
Gumbi lamagwala,
UShandu akangakanani,nasentendeni yesandla engahlala,
Nasothini lomkhonto uyenela,
Mthiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla,
Shandu owalima insimu wayilimela izinyoni,
Zase zimbonga zathi tshiyo! tshiyo!
Bhabha Magwaza,
Nkentenkente,
Olwakhela izintaba zase Nhlazatshe,
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile,
Bathi ingabe lolu nkentenkente lwenzani,
Ndaba koMkhulu,
Ndabezitha!

Izithakazelo Zakwa Mbatha

Izithakazelo Zakwa Mbatha

  • Mbatha, Shandu ka Ndaba
  • Gumbi Lama Gwala
  • Sontshikazi, Mthiya othiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla
  • NDABEZITHA!
  • UShandu ubengengakanani,
  • ngoba entendeni yesandl uyenela
  • Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,
  • Mazalankosi!
  • Mavungama!
  • Mathabathanyawo!
  • Makhabaluthuli!
  • Makhub’anothuli!
  • Nina benyathi emnyama kansele
  • uShandu owalima insimu eyilimela izinyoni
  • Zase zimbonga zathi tjiyo…tjiyo…tjiyo!
  • uBhabha ku Gwaza
  • uNkentenkente olwakhela izintaba zeNhlazatshe
  • Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile
  • bathi, ingabe lolunkentenkente lunkenteza lwenzani,
  • uShandu ongayimbathi ingubo
  • oyimbatha ngokusibekela kwelanga,
  • Wavala ngehhemu emizini yamadoda
  • uShandu omuhle ngamazinyo akhe;
  • uZihlabathi zoLwandle;
  • Ebe emkhulu engangezulu
  • wena ka Magizagiza;
  • Mulamlankunzi zidedele zibulalane;
  • Shandu uyiNkosi eyabonwa nawu Shaka ka Senzangakhona;
  • Yena abathi usi Shaka ka shayeki,
  • Wathi Shandu ka Ndaba uyiNkosi,
  • Futhi uyohlala uyiNkosi;

Mbeje, Mndaba, Mlotsha,

Magwaz’aphindelele njengezulu,

Mavungama!

Wena owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala…

Mgabadeli gokugabadela inkundla kwa Bulawayo; Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zamadoda;

Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahambaze!

Wena owaba ngu Ndabezitha! kuqala!

Baze bazama ukuthatha iziBongo zakho ngamaqhinga;

Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Manyosi wena owadla intondolo yembuzi yonke wayiqeda ilanga liphuma waze wehlisa ngomhluzi wayo;

NDABEZITHA!!

NDABA KOMKHULU!!

source: thanks to admin of amambatha.wordpress.com – please visit his website for more information

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: