Izithakazelo zakwa-Shange

Dumakude,
Mdima,
S’bhodla bakhothe umlomo abafokazane,
Mfazi omabelemade,
Oncelisa ingane ngaphesheya komfula,
Wena ogeza ngensipho kapondo,
Mathanga abushelelezi angenangqwayimane,
Phangandawo,
Nojoma,
Owaduma ngomlenze abanye beduma ngensonyama!