Izithakazelo zakwa-Sikhakhane

  • Mboma kaMqhele,
    Mathula,
    Nzimase,
    Sdwaba esinembobo,
  • Wena sango elingezantsi,lapho besa khona imilomo,
  • Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
  • Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
  • Wena kaSoqhafuza, umlung’odla izinkobe,
  • Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
    Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
  • Wena okhishwa ngenoni emgodini,
  • Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
  • Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
  • Wasuka lapho waxhoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
    Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
  • Mboma,wena wase Nkandla!