Izithakazelo Zakwa Mbatha

  • Mbatha, Shandu ka Ndaba
  • Gumbi Lama Gwala
  • Sontshikazi, Mthiya othiya ngenkomo abafokazana bethiya ngamahlahla
  • NDABEZITHA!
  • UShandu ubengengakanani,
  • ngoba entendeni yesandl uyenela
  • Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,
  • Mazalankosi!
  • Mavungama!
  • Mathabathanyawo!
  • Makhabaluthuli!
  • Makhub’anothuli!
  • Nina benyathi emnyama kansele
  • uShandu owalima insimu eyilimela izinyoni
  • Zase zimbonga zathi tjiyo…tjiyo…tjiyo!
  • uBhabha ku Gwaza
  • uNkentenkente olwakhela izintaba zeNhlazatshe
  • Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile
  • bathi, ingabe lolunkentenkente lunkenteza lwenzani,
  • uShandu ongayimbathi ingubo
  • oyimbatha ngokusibekela kwelanga,
  • Wavala ngehhemu emizini yamadoda
  • uShandu omuhle ngamazinyo akhe;
  • uZihlabathi zoLwandle;
  • Ebe emkhulu engangezulu
  • wena ka Magizagiza;
  • Mulamlankunzi zidedele zibulalane;
  • Shandu uyiNkosi eyabonwa nawu Shaka ka Senzangakhona;
  • Yena abathi usi Shaka ka shayeki,
  • Wathi Shandu ka Ndaba uyiNkosi,
  • Futhi uyohlala uyiNkosi;

Mbeje, Mndaba, Mlotsha,

Magwaz’aphindelele njengezulu,

Mavungama!

Wena owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala…

Mgabadeli gokugabadela inkundla kwa Bulawayo; Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zamadoda;

Wena owaMbatha isikhumba seNyathi uZulu esahambaze!

Wena owaba ngu Ndabezitha! kuqala!

Baze bazama ukuthatha iziBongo zakho ngamaqhinga;

Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Manyosi wena owadla intondolo yembuzi yonke wayiqeda ilanga liphuma waze wehlisa ngomhluzi wayo;

NDABEZITHA!!

NDABA KOMKHULU!!

source: thanks to admin of amambatha.wordpress.com – please visit his website for more information