zibongo zeSilo uDingane kaSenzangakhona

UVezi uNonyanda uMgabadeli
Owagabadel’inkundla yakwaBulawayo
Odonswe ngezintab’ezimakhelekethe
UVezi wakwaSimangalunyawo
UMbombosh’omnyamaUVemvane lukaPhunga noMageba
UVemvane olumabal’azibhadu
Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala
LunjengoPhunga waseBulawini
LunjengoVuma kubangoma

Obuz’amanz’eMbozamo andukuwela
Amanz’eMbozam’;osal’ebabaza
Owel’iMbozamo ngumtakaJama
Wawel’iMbozamo kwash’iziziba

Ebegez’uDukuza neNkinsimana
Beyigeza bebheke kithi kwaZulu
Nanamuhlanje abanini beMbozamo
basamangele
Kumangel’uManqondo wakwaShiyabanye
Kwamangala uPhampatha wakwaNkinsimana

Isizib’esiMavivana Dingane
Isiziba esinzonzo sinzonzobele
Siminzise umuntu ethi uyageza
Waze washona nangesicoco
Ngobucoco ngimbonile
Ubephuma laphaya kwaSodlabela
UNgama yena waseMaphiseni angavuma

Uqambi lankomo
Ukuba zilahlekile
Ziyakufa uMdlebe kwaSoshangane
Ezinye ziseMatikhulu
Ezinye ziseMkhumbane

INkone ethi isenkone kwephuk’isihlalo
UGwebhesh’ongamanz’okuhlalela
UNomashikizela
Umashiyimpi yakhe
UMziziny’ungamathunz’ezintaba

UFipha luyindlov’enamanxea
ULuhlaza lwangayinyongo yenyamazane
UMhlophe owakhanya ukusa kwadabuka
Wangangabazigeli bakwaMavela
Ababezingela izimbongolwana

USela lintongande lawoBaleka
Lithabathe umshiza lawetshatha
Liyakugalela ngawo emaNkenganeni
INdlov’ekulala kungqwambayiya
Ezinye ziyalala ziyathokoza

UMvusi omnyama wawoSikhakha
Ovusel’abantu ukuhlatshwa
INkom’ekhal’osizini kwaNhlapho
Umlomo yawubhekisa kithi kwaZulu

Izizwe zonke ziyizwil’ukulila
Yezwakala kuNhlapho kwaMlambo
Iye yaziwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo
AmaNtungwa odwa esab’ukumehlela

IZichwe uVezi azimhlabanga eya phambili
Zalibala ukumbuka izinyawo
Zathi ziyakumhlaba esegoduka
Kuth’esegoduka zase zilibele
Ukubamb’izingxangx’emfuleni

Bantu ninemihlola ngaseNsingweni
Gijimani niyotshela  abakwaMashobana
Nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noNdaba wawoBayeni
Silufanisa noPhunga noMageba

AbakwaMashobana belelesile
Bazibukule itshe linemamba
Sebejiyelwe nokulisibekela

Ohlangane nodwendwe lwamaQhikiza
Wadla uNginani kuMakhosazana
Wadla uNgiyalile kuMakhosazana
Wadla uNozipholo engowaseNdinaneni

Wadla uNtasane noNozinyanga
kwaMashobana
Wathi bayobona inkundla
yakith’eMgungundlovu
Wadla uMahabulangweb’isashisa
kwaMashobana
Wadla uNsizwazana unina kaMzilikazi
kwaMashobana

Wadla uKhwababa-esambath’impaka
kwaMashobana
Wadla uMlomodlelememaveni njengembuzi
kwaMashobana
Wadla uMhlane beleth’igudu kwaMashobana

Wadla uMlomo wezinqaba kwaMashobana
Wadla uGundane kumitha kwaMashobana
Wadla uNkomo ikulala kulukhuni khona
kwaMashobana

Ngikhuluma nje nanamuhla
Akuphekwa kwaMashobana
UMashewulana ongazembe loMlungu
Ubengababele lutho kwaMashobana
Ubeyocel’inkwelo eMhlahlandlela
Ethi kumbe bangamtsheleka

Isihlangu sikaMzilikazi
Sasal’entaben’ende yeMpama
Sesiswele nendoda esithathayo
UMancwaba wezwe lamaphethelo
Lona lincwaba emikhemezelo

UVezi bath’umoya mnandi
Ngokunuk’inyama
UBhungebhu ongaboya bengonyama
UVezi uyadla’umhlane uvele
Ngokuswel’iqoq’elimsithayo

IZibuko likaNdaba
Elimadwala abushelelezi
Lashelel’uPiti nendodana
Owadla uPiti kumaBhunu
Wamudla wamshwabadela

Odle uMzibhelibheli kumaBhunu
Wadla uPhuzukuhlokoza kumaBhunu
Wadla uHwahwini kumaBhunu
Wadla uJanomude kumabhunu
Wadla uJanejembuluki kumaBhunu

Wadla uMazinyansakansaka kumaBhunu
Wadla oSisini kumaBhunu
Wamfimfitha wamkhafula
Wathi bayababa kabananyongo
Kabanamehlo

Wadl’iMihloph’emibili
Omunye kunguPiti
Omunye kunguNoziwana
UMkhwamude wangisik’isilevu
Usungulo lwangithunga impumulo

INdiha lebabayo enjengebhaha
Sona simababa kuMahashanga
UVezi ngimfumene bemzila
Ngafike ngamudla
Kanti ngizifaka iloyi esiswiniVezi!
Kof’abantu
Kosal’izibongo
Yizona zosala zibadabula
Yizona zosala zibalilela emanxiweni

UJonono ongantonga yezulu
Ibhaka lamanzi lawoNdikidi
Lisibekel’izinkomo zamaSwazi zanyamala
NoNgwane kaZikode wanyamalala

Ofingq’amehlo ethunzi lentaba
Wangangabazingeli bakoNogenya
Abazingel’izimbongolwana

USobathintela !
UMalamlela !
Owalamulela abafazi namadoda
Walamulela izintombi namasoka

IMbuzi kaDambuza benoNdlela
Abayibambe ngendlebe yabekezela
AyinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni
Yona ayibambe ngendlebe
Yadabula yaqed’amadoda

Obhambathe iNgome iphezulu
Izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela
Ziphume zinqini zonkana
Wadl’Mabhede kwelikaBheje
Wadl’uNgazana kwelikaBheje
Wadl’uMabelengiphela koNtshoshoUPheqe ongakumana kwamaqhikiza
UMsuthu owadla izinyosi zemukela
Abanye bezidla ziyazalela
UVezi owadl’ezivezayo emaZimeleni
Owadl’ezikaMananga nezikaMandeku
Wadl’ezawoMagcekeni kwaNonkokhela
Wadla nezasoPhondweni emaZimeleni
IDingwa lezinkomo zawoButhikazi
NezawoNomaphela
UBhaxa liyakhula
Bayasola baphathela
NabawoNoqongqo nabawoDladlama wakwaMajola

Ithole elinsizwa lakokaDonda
Elihamba liwakhahlela
Amanye amathole
Izingazi zaphuma ngezimpumulo

Ngoba lakhahlela elakwaBulawayo
Lakhahlela uMagaye kwaDibandlela
Lakhahlela uNzwakele kwaKhushwayo
Lakhahlela uMadlanga wasEkuvukeniUMakhonjwa ngendololwane
Konj’imininwe izakukhomba abanjani
UMshingili ongaziNdlovu
Zihlatshwa ngabanini mahlanga
Obeyaye ngapho wabalekelwa
Ngokuswel’iqoq’elimsithayo

UMkhont’owadum’ekuseni eSwazi
Wadl’uNdomba induna kaMswati Swazini
Wadl’uGebhuzizulu ezinduneni zikaMswati
Wadl’inceku kaMswati uNdibindwane
Edl’iminkantsha

Wadl’uNzimanzana eLudidini
Wadl’uHhohho eSwazini
Wadl’uSiphika eSWAZINI
Wadl’uPhambana nabahluzayo
Wadl’uNoziwawa

UBhelekeqe ungayinkomo ekHALIMAYO
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
Umpha nkomo inabele
Umgud’ungazindlelaeziya eNhlangeni

Sigquma khuluma bawuzwe umoya
Abasezitheni nabasemakhaya
USigquma kakhulumi kanamlomo
AkanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo
Lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza*

Owamemez’amaNTUNGWA akwaSOKHUMALO
Kwasabel’uMdleleni kwasabela uMakhatha
UMalunguza izindonga kandukuwela
Ogeze izandla zaze zomel’eBandla
Ngokuba nhliziyonhl’emadodeni

INzima leyikwena koMkhumbane
Khona kwena kungafakwa lunyawo
Ugaga ngamanzi angawes’umlomo
Amanzi odwa asal’ebabaza

Mlung’ungapheshela komfula
Omunye enganeno
KukaMpehlela noMaqhwakazi
UNdaba ungithume phezulu
Ngabuya ngaqangqatheka
Ngalala ngidlile nangakusasa
Nangolwangomhlomunye

Gijimani ngazo zonke izindlela
Nime phezu kwamadwala
Niyobikela uNsimbini noMahlakeza
Ukuthi kabamazi uVezi
Ukuthi yiNsizwa kubi

Angahl’athathe isihlangu
Asihlom’umgobo
Ame ngasemnyango kwaMpikase
NakwaBhibhi kuze kuse evevezela
Engasalalanga nabuthongo

Idadane belimzimba muhle*
Nangendlala enkulu
INdlandlama yakithi eMgungundlovu*
Inkone evele ngobuso eMantiyane
Yadla ezawoGuluzana kaManaba
Uvivi lungamnyama wokusa
Uyishaye iziyingi
Phesheya kweMpofana
Kwasabel’uSithungu noSithulu
Bathi zishaye ngezelongwe
Zibizwa yinduku yeThusi
Yakithi eMgungundlovu

UPhondo lwendlovu uMashiqeka
Belushiqel’Mandlanga ngasoFasimba
Inhlabathi yoNdi noKhahlamba
Ngifice abakwaMalandela beyihlela
Nami ngafika ngahlala phansi ngahlela

ISilwan’esibanga izililo
SakokaMlilela
Samxosh’uMzilikazi
Sayombeka lapho ilanga
Lingashoni khona

Wadl’uNkayishana kaMashobana
Wadl’uNokufa emakhosikazini
kaMzilikazi aseNsingweni
Wadl’uNothando emadodakazini
Ezigodlweni zikaMzilikazi

Wadl’uNozinhlwathi inkosazana kaMzilikazi
Wadl’uNomabhunu kwaMashobana
Wadl’uNomabhudle kwaMashobana
Wadl’uDambuza-mthabathe
Ezinduneni zikaMzilikazi
Wadl’uDumaphansi ezindneni zikaMzilikazi

Wadl’uDidiza ezincekwini zikaMzilikazi
Wadl’uNdengezimashumi
Ezincekwini zikaMzilkazi
Wadl’uMginqilizana kwaMashobana
Wadl’uGolela kwaMashobana

Wadl’uChachaza kwaMashobana
Wadl’uPhuzukuyekela kwaMashobana
Wadl’uNkomedlemeveni kwaMashobana
Weza nesibhoma sikaNomanhlala

Alidume!
Alidume leyame ngentaba
Aleyame ngoMpehlela noMaqhawakazi
Ophendule onyana bezindlwana
Ubhungebhu ongaboya nengonyama
Yona ibineziyephunga nasemlenzeni

Ntong’enzimande  uMalamlela*
Ntong’enzimande ngokushaya amadoda
Uze noNolube ezinyangeni zaseSwazini
Uze noSamvu ngakubaLondolozi ngaseSwazini
Udl’uMthunz’ohlalabaLondolozi
ngaseSwazini

Uthathel’uThekwane ezalwa nguSobhuza
Uze noNomaphela waseNtabathweni
Uze noNgiyaphela wakwaGcwensa
kwaMagonondo
Ngqongqo yemikhonto ibang’izililo

INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane*
Ezinye ziyokufa umdlebe
UNjunju weziTholatholi
USimakade saMakhosi

USomnandi wami
Woza ngang’umlomo
Ngingaze ngisale
Ngibenomngandeni

IHwanqa eladl’amanye amaHwanqa*
Ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu
UKlebe ukwehla kwezikaMagaye
Uth’eseMhodi wanyamalala

Unyamalala ngakhona uKlebe
Ubengenaso isiphuku sokwembatha
Sasisele kwaMashangisa
Wayembethe ubuyiyane bezinyoni

Wadl’uZihlandlo kaGcwabe
Ethi ukuwela ukweyama
Wadl’uMashukumbela kaGcwabe
Eth’ukuwela ukweyama
Wadl’uMagaye kaDibandlela
Eth;ukuwela ukweyama

UBhelekeqa ongankom’ekhalimayo
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
UMpha-nkomo yenabele
Ngoba uVezi
Ungiph’izinkomo zifana zonkana
Nyakamumbe uVezi
Uzakungipha neph’qithole

USingqungu kakhulumi kanamlomo*
KanjengoShaka
Yena waqeda umuzi ngokunkenkeza
Amanzi kaMalinga abeyiziwolokohlo
Abenjengawo awakwaBulinganto
Wona abengesiwolokohlo

Mnguni ngubande nakwesendlovu
INkonyane ekhwele phezu kwendlu bayihawuza
Kwangalokhu bahawuza ezawonina
INtandane kaMphehlela noMqhwakazi
Evele uMkhindi wanyamalala
UMjele ogubaze amadlebe
Emva komuzi waseZimpukaneni
Izinkomo zaphuma zamlandelaUngangisiza Madlokovu
Uye kwaMthanuntengayo
Utshani bakhona kabushi
Busala iminyele

Langa phuma bakothe abakwaZulu
Abezizwe kodwa bazokubalekela
INsukamini yakith’eMgungundlovu*
Bayizwa ngendaba
INsukamini bayakhela imikhanyo
Nabasezitheni nabasemakhaya

Dada lodudu nothobothi
Gijimani ngazo zonke izindlela
Nibikele uMancaka noNxumalo
Nithi uVezi mhlanzeni izinyawo zonakele
Uliyekil’ebeliwel’aBantwana
Phond’olumnyama lwakoKhubazi
Ludl’uMxhamama kaSoshaya eZibisini
Ludl’Ntendeka kwaDlangezwa
Ludl’uNxazonke ezalwa nguMbhengi
USilwane vukel’abant’ekweneni
USilwane ubeyinduna kwaGibixhegu
Uze noMdlaka eNtshobozeni
Tshelani uSiphingo kwabakwaHlengwa
Nith’iZilo zikaJama zibulelene**
EsakwaDukuza nesakwaKhangelaqhaMngun’unabele nakweseNdlovu
Munt’onesihlobo eSichasheni
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela uMthezuka eSichasheni

Nithi igama likaMagugui
UMthezuka kaliyeke
UMagugu ngowakith’eMgungundlovu
UManyelela ongantomb’iyesokeni*
UManyelela njengevezimanzi

Uyajabula mfazi waseNsuze
Wen’oyakubon’uManyelela
Eyakubulal’izitsha zaseNdinaneni

UMthakath’osibindi*
Simnyama nakwabakaYise
Uze noMhlangana kwabakaYise
Uze noMgqojama kwabakaYise

Uze noMdungazwe kwabakaYise
Uze noSomajuba kwabakaYise
Uze noSophane kwabakaYise
Uze noMfihlo kwabakaYise

Uze noNxazonke ezalwa nguMbhengi Elangeni
Uze noZikhungweni ezalwa uMbhengi
Elangeni\Uze noMkhweco ezalwa nguDubo Elangeni
Kazi wenzani ngasElangeni

Uze noNqetho ezalwa nguKhondlo kwaQwabe
Uze noNgwadi ezalwa  nguGendeyana kwaQwabe
Uze noSomponjwana kwaQwabe
Uze noKhawuze kwaBhekanyawo kwaQwabe

Uze noNwakele ezalwa nguKhushwayo
Uze noNogele ezalwa nguKhushwayo
Uze noNgiyaphela ezalwa nguMandeku

Ujulubez’amathaf’akulungele
Ogudl’amahlathi engayi kuwo
Ogedle iNtumeni wagudla iShowe
Uvunulela ezingunjini zomfula
Wesaba izinto zakho
Zingaze zemuke namanzi

UDledle ongankomo zecala
Zona zimabuya nasekwalukeni
Inkom’ezungez’umuzi nangezinyembezi
IMamba eyath’iphansi yayiphezulu

UMjikiza ungamashoba eziNyathi
Uze noGaqa ezalwa nguMendameli
Uze noZikhawu ezalwa nguQumbumbethe
Uze noNondaba ezalwa nguDubo

Uyithathe wayaba oDlambedlwini
Wamhahabuza uSigwebana ezalwa nguMudli
Wawel’iMfolozi esegijima
Uye wayibuthisa eMahlabaneni
KuMkabayi ezalwa nguYisemkhulu
Uwele ngomnyama eMahlabaneni
Izalukazi zakoPhuthule
Zayithwala iminqwazi
Uwel’uSuthu ngezinyembezi

Uyakubuthisa koMagonondo noMyando
Udabule kwaNtabakayikhonjwa
Izichwe zayithwala imililomo
Kwabathi, ‘Qha, bo bo bo bo bo bo !’

Izimpangele ziyawulabalabela
Uzulu ladum’ekuseni
Ladum’ekhaya
Umnyama wendlu yakoPhuthile
Ukhethelwe zimbongolwana phezu kweGwa
Udabule kuLubisana esegijima

Uhambe ngokhalo lwamathafa
Lukadedangendlale
Waye wayiuthisa oBhalule
Uth’ephuma oBhalule
Waye walal’eNkuthu
Waye wawela eBulinga kwaMzilikazi

INyok’eqoph’umqala yashiya isibili
Yathi izoqedela ngomhla izovela
Insimu ethi ukuvuthwa yaxholoba
Yathi ukusuka
Zayidl’amanhla zayishiy’amazansi

Unkomo zinezisini emlonyeni
Zinqundeke ziyokuphuza eMhlahlandlela
UMgabadeli onjengebhubesi
Odonswe ngezintaba ezimakhelekethe
Injonjololo engaziziba zolwandle

UVezi uMaphakamela**
Owaphakamela iNkunzi yakwaBulawayo
UQhamana!UNdabende wamakhanda
USigongonono esinkabi legodla
Ebikhetha iziqhozana kungezakoYengwa

Indab’engiyizwe ngikude
Engiyizwe  ngisoBonjeni lwezinyathi
Ngabheka emuva
Ngajiyelwa lapha ngiya ngakhona

Ngendaba kaMbopha benoNkunziyendlovu**
UMzaca ongwegwe
NgokaMbopha benoNkunziyendlovu
Othukuzelwe futhi eMahlabaneni
Bawufihle nami ngaze ngathanda
Bathi bayogalela ngawo kwaBulawayo

UDingana omnyama ngabomu
Ukhanya phakathi kukaFojisa
benoNomagoma
Impunga engene ngamahlashana onkana
Kanti ibiyobulala umuzi kungokaGendeyana

Ungezwa bethi ”Dlula ! Dlula! Pheqe
kaNdaba!”
Kanti basho oVemvaneni
Ngemuva kwakho bakugodlele
Amaklwa kanye nezinqindi

Odazule kuZulu umfo kaNogandaya
UZulu wabaleka wabhangazela
Ukuma kweqhawe lethuka iNkosi
Ukuma kweSilo sethuka esinye iSilo
Ukuma kweZilo ziyethukana

INkonjan’ebuwaba busephikweni**
Engenjengazinkonjane zasendlo
Zona zibuwaba buseqolo
INhlendla yeThusi kaMjokwane

UMbomb’oye wakhanya
kuMsalela kwaNxumalo
UHlahla lomnqawe neloMqokolo**
Bathi ukulivuna kwabo balihlohloloza
UMsontane ongambo yomnxeba
Ngisho ngamazwi
Abakusontela wona abakwaZulu

Mdingi kaMpikase
USo linkonyeni zabantu
Induku emnyama kaPhunga noMageba
Eyasha amanzi kwavela udaka
Emuva kodaka kwavela izinomoUntakantinsi zinqwamene phezulu
Angiqedi nezophuka iphiko
USomkhanda ngokubakhandanisa
INyoni kaMahube uMashulubeza

UShikila limuva muhle
Unkomo zimakhekheba
Ngokuhamba zihlala

IJaha elinamandla nasemandleni
UZul’libeth’izihlambi
ULanga laphuma endlebeni yandlovu
Nyakamumbe liyakuphuma kweyeNgonyama

Yaminz’iNdlovu!
Ulibinda Zul’eliphezulu !
Ulibinda Ngonyama !
Ulibinda Silo !
Ulibinda Ndlovenkulu !