UHlahla loMnqawe neloMqokolo.

Abathe ukulivuna kwabo balihlohloza.

UMsontane ongambobo yomnxeba,

ngisho ngamazwi abakusontela wona abakwaZulu.

UPhondo olumyama lwakoKhubazi.

Lwadla uNomxhamana eziBisini,

lwadla uNtendeka kwaDlangezwa.

USilwane vukela abantu ekweneni.

USilwane ubeyiNduna kwaGibixhegu.

Uze noMdlaka ngaseNtshobozeni,

tshelani uSphingo kwabakwaHlengwa.

Nithi iZilo zikaJama zibulelene,

esakwaDukuza nesakwaKhangela.

UMnguni unabele nakwese Ndlovu.

Muntu unesihlobo ngase Sichasheni.

Gijima ngazo zonke izindlela,

ubikele uMthezuka eSichasheni,

uthi uMthezuka igama likaMagugu akaliyeke.

UMagugu ngowakithi eMgungundlovu.

uVezi uManyelela onjengeVezimanzi.

Uyajabula mfazi waseNsuze,

wena owabona uManyelela eyobulala izitsha zaseNdinaneni.

UDledle ongankomo zecala,

zona zimabuya nasekwalukeni.

Ohambe ngokhalo lwamathafa,

waye wayibuthisa oBhalule.

Uthe ephuma oBhalule,

waye walala eNkuthu,

waye wawela eBulingwe kwaMzilikazi.

INyoka eqophe umqala yashiya isibili,

yathi izoqedela ngomhla izovela.

INsimu ethe ukuvuthwa yaxholoba,

zayidla amanhla zayishiya amazansi.

USomnandi wami woza ngange umlomo,

ngingaze ngisale ngibe nomngandeni.

Hlanga lomhlabathi! Vezi Silo sikaZulu….

No automatic alt text available.