Ukukhomba ngophakathi

Kusho ukubusa imvamisa makudliwa noma kujatshulwe nje, kuthiwa ukhomba ngophakathi.

Kusukela lapho uma kudliwa inyama mhlawumbe kunomsebenzi lapho umuntu ephethe inyama, uma efuna ukukhomba into ukhomba ngomuno ophakathi. Kuyafana nokufinya ngendololwane.