clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Ximba

Izithakazelo zakwa Ximba

  • Ximba,
  • Mlaba,
  • Mungwe,
  • Nodlela,
  • Nina enadla isicaba nasidla nokusicazelana,
  • Mbewumbili, nina abamhloshane abanye bemnyama,
  • Luvuno, Nina enavuna umfazi aliwa
  • Nathi engahambi ngenxa yokuthi ugaya utshwala obumnandi ! ?

Abakwa Ximba Umlando wakwaXimba

Ximba

Abantu bakwaXimba \Mlaba baphuma kuNyawo. UNyawo wayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango,agcina-ke esedube ikhaya.Ngokwezigaba zabeNguni bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu kodwa -ke lokho kwenziwa ukuthi ngesikhathi sezimpi kunengxenye eyafuduka baze bayofika ebaSuthwini kwaba sengathi sebengabeSuthu.

Ziningi izizwe noma abantu ababalekela izimpi bagcina sebekhosele ngaphansi kwezibongo noma kwezizwe ezithile .Lokho kugcina labo bantu kube sengathi baphuma kulabo bantu kanti basuke sebakhe ubuhlobo nabo. Njengoba ngikubalulile ukuthi basuka-ke o-Ximba balibhekisa ngakoBaQulusini lapho bafike bazakhela ubuhlobo nabantu bakwaZwane,kodwa abanye bedlula bayozinza ngakoMtshezi.

Babuye basuka lapho balibhekisa ngasoKhahlamba ,nokulapho baye behlukana ,abanye bayozinza ngakoLesotho nje njengoba sekushiwo .Abanye bakhona bagcina sebengoMolaba bejobelela u-‘O’ emuva kuka ‘M’. Abantu bakwaMolaba ngabaseLesotho kusengabantu ababodwa nabakwaXimba okwabe kunguMlaba. Lo Mlaba -ke bathi wayehlakaniphile kakhulu .

Basukile eMtshezi ,bahlakazeka sebesoKhahlamba .Laba abangayanga eLesotho basuke bayokwakha ngaseMsunduze endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNtendeni .eseduzane naseNadi .Lapho-ke bakhelana nabantu bakwaZondi,abendlu kaNsele kaGasa kaGagashe,lapho njengamanje kuphethe inkosi uSondelani kaQalabantu .Lapho-ke babe sebeba ngabakwaMlaba, sebesebenzisa uXimba njengesithakazelo.

Namaliba okhokho babo akhona laphaya eNtembeni lapho singabala khona elikaMlaba ,uMabhoyi ,namanye .Babuye basuka lapho bayokwakha eMkhambathini[Camperdown]nosekwaziwa ngokuthi kukwaXimba, benabela nakoKito kanye nako.KwaXimba -ke kulapho kunendlu yobukhosi nokuyindlunkulu yabo.

INDLU YASEMHLABATHINI ENHLUNGWANE :

Le ndlu-ke yona iphuma kuMqundane kaMabhoyi wakhona kwaMlaba \kwaXimba. Kuthe emuva kwempi yamaNgisi noZulu ngowe-1879 eyayiseSandlwane nasoCwecweni.Njengoba uMqundane wayethwalela amaNgisi iposi esuka lena koMgungundlovu eliyisa koSandlwana ,emuva kwempi ayeninga[ecabanga]ukuthi angamklomelisa ngani ngoba wayebasebenzela kangaka.

Abe esenquma ukumnikeza indawo elaphaya eNhlungwane eMahlabathini,emsusa eMkhambathini. AmaNgisi asusa uMfanawendlela kaThanga wakwaZungu athi usezobusa izwe elincane elize liyoma ngeMfolozi eMnyama enyakatho.

Phela uMfanawendlela wayengesengenye yamakhosi ayesethobele imithetho yamaNgisi ,kungakho engazange akulwele lokho kususwa kwakhe .

UMqumbane wasuka-ke kwelakubo ehambisana nabantu bakwaMbambo ,abakwaGwala ,abakwaVilikazi ,abakwaHlengwa ,abakwaGoba kanye nabakwaGasa . AbakwaMbambo babeholwa nguBhubhu kaNdaba owaba ngundunankulu kaMqundane laphaya eNhlungwane eMahlabathini .

UMqundane wazala uNdukuyezulu[inkosana],uSigungu noNomasonto owagana kwaMkhize khona eNhlungwane,koNkunkwana. Kuthe ngesikhathi ngesikhathi uMqundane eseya koqeqeshelwa ubusosha ,washiya inkosana yakhe uNdukuyezulu ukuba imbambele ubukhosi.

Kuthe uma esebuya ebusosheni ,sekufanele uNdukuyezulu ashenxe phela esihlalweni sobukhosi ,wenqaba akabange esafuna ukusuka, esethi kuyise uMqundane akamnike okungokwakhe uNdukuyezulu. Waduba-ke uNdukuyezulu wayokwakha kwesakwaBiyela kwaSanguye nokulapho aganwa khona intombi yasebukhosini bakhona kwaBiyela.

Ngaleso sikhathi uNdukuyezulu eya kwaBiyela wayehambisana namakhosikazi akhe nezingane ,nokulapho kwafike kwashona khona inkosana yakhe eyabe izwalwa nguMaDlamini ,okwakunguMpisi igama layo inkosikazi yakhe ayeyilotsholelwe nguyise,eyesibili kwabe kunguMaGoba owazala uSikhethi [ikhohlwa] nabanye .Emuva kokushona kwenkosana yakkhe uMpisi ,uNdukuyezulu nxa ebona ukuthi wenza iphutha ngokuphikisana noyise ,wabuya kwesakwaBiyela.

Esebuyile-ke uNdukuyezulu,uMqundane wabe esimkhipha umuzi esethi lo muzi kuseKushingeni ,esemsikela nezwe wathi uzophatha kusukela ngaphesheya komfudlana uMfazi kuze kuyoshaya phezu kweMfolozi eMhlophe koDumaneni .eSiqiwini nakoBasamlilo.

Umuzi waseKushingeni wawungaphesheya kwesihoshana sesibili phambili komfudlana uMfazi. UMqundane yena -ke wakhothamela khona laphaya emzini wakhe ,idlinza lakhe likhona laphaya eDamaseku eNhlungwane . USigungu yena wazala uMalamba owaganwa ngamakhosikazi amathathu nentombi yakwaNxumalo kwaNongoma,abulawa eya kuyo iMfolozi eMnyama .Inkosana kaMalamba nguMagana [amathola kuMaNcanana] uNgididi[amzala kuMaGasa] nabanye

UMpisi kaNdukuyezulu yena washona ezale uNjuqu[uMgilimbana]omdala nabanye,nokuthe ma kufanele ubukhosi buthathwe nguye,uNjuqu wenqaba wathi ‘kungafa umfowethu bese mina ngithatha ubukhosi kobe ngidayisa ngegazi lababembulele, ngeke bangibulale yini mina”? Kwase kuyolandwa uMakhawukani eMkhambathini ukuba azohlala esihlalweni sobukhosi .Yena -ke uMakhawukani wazala uMakhonsonke ozala inkosi uMagengeobusayo .

UKWELAMANA KOMLAMA\XIMBA:

-UXimba wazala uMlaba II

-UMlaba II wazala uDikani

-UDikani wazala uNcwadi

-UNcwadi waganwa ngamakhosikazi wazala kuwo kakhulu esingabala uGogela ,uPhaphama ,uNodlela nabanye

-UMabhoyi wazala uMahlanya noMqumbane

Izithakazelo zakwa-Mlaba

Ximba,

Mabhoyi, Nodlela,

Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,

Nina enacaba isicaba ngokucazelana,

Msuthu

Dumakude

Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama

Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa

Njono wena waseMdlangweni

Ngena kule web www.indabukoyakho.com ubheke umlando ngesibongo sakho

Ximba Clan Names

Ximba Clan Names :

Mlaba,
Mabhoyi, Nodlela,
Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,
Nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Msuthu
Dumakude
Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama
Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa
Njono wena waseMdlangweni
Luvuno wena owavuna abaliwayo!

Izithakazelo zakwaMlaba

Izithakazelo zakwaMlaba

Ximba,
Mabhoyi, Nodlela,
Mbewumbili, abanye bamhlophe abanye babomvana,
Nina enacaba isicaba ngokucazelana,
Msuthu!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: