Izithakazelo zakwa-Zulu

Ndabezitha,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!

Zikhona izikibha – nawe thola esakho: 061 868 5163

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Zulu – fonela nome Whatsapp le nombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho!