clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Umlando wakwa Mbanjwa nezithakazelo 😍 Mbanjwa history

Umlando wakwa Mbanjwa

Isizwe sakwaMbanjwa singaMakhuze ngeminyaka yawo1700 .ngezikhathi zokufuduka kwabantu .oMbanjwa bebehamba nesizwe SakwaDlamini nesakwa Khuboni nezinye izizwe bonke bengaMakhuze bekhonza ngaphansi kwesizwe SakwaDlamini sonke kuthiwa singsbase Makhuzeni iNkosi ebeyibusa amakhuze .

Kusukwa enhla neSwaziland bekuwuFodo Dlamini .kwabaWuKhukhulela nali iliba lenkosi uKhukhulela kwaKopi eMsinga..ngibuyele kwaMbanjwa ..amaMbanjwa uma eyisizwe ewodwa kuthiwa amaSami yikona kunezi godi
Okuthiwa yiseMasamini amaMbanjwa okusuke kuyisizwe sabo isithakazelo leso esibizwa ngaso oKhathini Msami .ke sihambe njalo ke AmaKhuze eNtunjambili amaMbanjwa uyawathola.ePMB. Sweetwaters .Mgwagwa Richmond.Ixopo Pholela .underberg .

Ahambile ke AMakhuze .akhile azinza e Richmond nenkosi uMiskofil bafuduka bawela uMkhomazi.phesheya nkoMkhomazi uyawathola eSpringvale .lapho aMakhuze neNkosi ebusayo yamaKhuze neSizwe saseMasamini usithola ePholela Esidangeni eECentocow emMZIMKHULU KUPHELA THINA MAMbanjwa izithakazelo zethu ziyefana kodwa kakhulu sisebenzisa obabaMkhulu ngezindlu ….kodwa niyongixolela ma Mbanjwa ngolwazi lwami ..nani seniyojobelela maSami

Izithakazelo :Mbanjwa khathini Msamu Lwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ezindiza phezulu omancishane kancane .abaphekwa netshe lavuthwa nina nangongobala masami

Previous

Izithakazelo zakwa Ngcece

Next

Sambo clan praises

3 Comments

  1. UMarco Mbanjwa ka Mabhodweni kaSangquma kaMuvulela kaNmahlanjana kaSongqombo indlu le eyasala eRichmond edlula amaSami phesheya koMkhomazi nMzimkhullu

    Thina MaMbanjwa saphekwa netshe lavuthwa wonke Ubuntu wesilisa wakwaMbanjwa uyiNKOSI lokho kwasuka kukhokho UMbanjwa. kukhona abathi Gutshwa Gebani.Sokhela,Khathini Samu Choboza izindlu lezo ngobu khosi Bethu sasibaningi kakhulu ndawonye Sinemfuyo eningi Sahlukaniselani ngezindlu .Sinto eyodwa a Mbanjwa kodwa ekugcineni Uma siyiSizwe singabaseMasamini le ezansi koCentocow eSdangeni, Pholela ,Kilmon Donny brook eGqunu amaMbanjwa wonke lawoeyiSizwe akhe ndawonye kuthiwa iseMasamini

  2. Martin Green

    Am happy to meet Mbanjwa clan my name is Martin Green pls assist me am looking for my great grandmother who was maried to Frank Green my great grandfather am sure you can able to trace them their whereabout and laid
    These are my ancestors who were born in the 1800 and passed away in the early 1900 they lived in matatiele
    I need a closure on the side of my great grandmother pls where you can

  3. SBONISO MBANJWA

    Izithakazelo zakwa MBANJWA
    MBANJWA, SAMA,KHATHINI,MFEZEMATHEMAHLE,MANCISHANA KANCINCI,MASHELAGODUKE,CHOBOZUMHLANGA KUVELIDLELA,MAPHEKWANETSHE KUVUTHW’TSHE KUQALA MBANJWA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: