Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Clan Names : Zikalala

Zikalala,
Khuze ,
Khuzeni,
Cebisa ,
Wena wase Ngonyameni ,
Maluleka ,
Nyamazane ,
Mbangalulaka,
Wena kamahlomehlathini onjengohlanya
Khuzekhulu
Nina bakwa nyamazane edliwayo , engadliwa nani niyayilahla
Mondi ka ndaba osenhlanganisweni
Sibanda Magoda siwadabula
Mthwebuli wengwebu zabafo
Mpingilizana wakwa Langa
Nina bakwamagwaza indoda inyele emphandeni
Philibane lika Donda elibile lahluthuka ngokweswela abavubeli , baphi abafazi base Khuzeni
Khuuuuuze !!!

By: Bhekinkosi Zikalala