Imvelaphi yakwa Nsimbi

Nsimbi Clan History

uNsimbi lo wayengowakwa Ntombela kwathi ngesikhathi kubusa inkosi uShaka uNsimbi ubebaza imikhonto ngeNsimbi ngesikhathi abanye beye empini..wase ethi uShaka unguNsimbi emuva kwalokho kwase kubakhona isibongo sakwa nsimbi.. base behla lapho nendodana yakhe ogama layo lingu mnamatha..bafika eMzimkhulu bazakhela obabo ubukhosi kwindawo yase Mmisa … Kodwa ke ngenxa yezimpi ezazikhona eMzimkhulu base buphela ubukhosi bakwa ntombela obabubuswa uMnamatha kaNsimbi kaMahlobo kaNtombela

More about Nsimbi

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

3 thoughts on “Imvelaphi yakwa Nsimbi”

  1. Cela ningithole ukuthi u Ndodana kuyenzekan ube isbongo ningiphe izikhazelo uma ekhona ozaziyo

    Reply
  2. Ngicela ukubuza ukuthi,engabe izithakazelo zakwa Ndebele ziphelela lapho okuthi khona:Wena owathethelela amakhosi Ntshinga benoNsele.

    Reply
    • Ndebele
      Mahaye kaMvanande
      Othethela uMantshinga noNtsele
      Mwelase!
      Abangaweli ngazibuko,
      Abawela ngezinsungulu.
      Wena owakwasihlathi esihamba ngendlela,
      Wena wakwa funisa umuntu inkonzo.

      Wena kaMagwaza engugwini,
      Owagwaza intombi nesoka. Mazankosi!
      Nina abakwaDindela,
      Nina abakwaMgolodelwa Ngokuzala uKhondlo Inkosi yaseMantshaleni.
      Amashayela phezulu ngokumbindlu.
      Amabethela isigogo.
      MaBhele balekani imilenze ibomvu.
      Ndaba!

      Nina abakwaBhensa,
      Nina abakwaMahaye,
      Niba bakaMakhaphazela,
      UNtunyelelwa wayeyisifamona.
      Ivande lathethwa uMantshinga noNtsele.
      UMekeza KaMshido.
      AbakwaNdaba ngokugoba amadolo.
      Imididwa edidwa ngamabala.

      Reply

Leave a Comment