Phahla!

Ndlovu kaKhuba!

Gawozi kaSilwane,

Khuba!

Mnukwa!

Tetemane, wena wendlov’ enamandla,

Phahla elinhlokonhle!

Wena kanomasikisiki!

Wena wenyoni eyasindwa isisila sayo!

Sgqoza esimlom’ ubomvu

Mbuyazwe, Mdungwane ongalo ncane!