Izithakazelo zakwa Wela clan names

Wela, Nkwanyana, Zikode, Qwabe, Sobahle, Phakathwayo, Yeyeye, Mnyikwe, Donnda, Makhanda, Mlwande, Myekwa bethatha, Mthayi kansele, Menzankosi,

Wena owakha ongiyane besilo, Nceku enhle, Nceku yesilo uMpande, Gabadela owagabadela izingwe zongoye,

Madela imihlambi yezinkomo zabamnumzane endle, Mbeng’ osinda abosi, Mathula kuhletshwa bathi ngundlebe kazizwa kanti uthule ngamabomu zetshisa umbiko kaZulu odume okwezulu lihlomile ngomlomo kazulu ongathethi manga, Soshibe kadangazela,

Nzim’elimnyama, wena kab’thikazi, wena kathubelez’inyanga isemafini, wena kanodela imiyalo,

Buhle besezindiyeni zamehlo, mangwe amahle, zingwe eziphuza kwesijulile isiziba ngokukhohlwa wulwandle, kamaGoyisa….

Nkwanyana….!

More about Wela

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

Leave a Comment