Mthombeni history, origin and clan names

Abakwa-Mthombeni baziwa ngokuthi bango-duma noma Dlangisa, Mseleku, Lwandle, Magagula, Ntenga, Mvenya, Dumisa
Laba ke kuthiwa bafikela eSwazini phecelezi Swaziland bafika bakhonza khona
Abakwa-Mthombeni bebengha hambisani nombuso wase swazini okwagcina enye indoda yakwa-Mthombeni igagula igama lenkosi yamaSwati
Abantu bonke bethuka ngoba kunge jwayelekile ukubiza inkosi ngegama
Abase swatini base bethi laba bantu sebengo Magagula
Ilapho kwasukela khona isibongo noma isthakazelo sakwaMagagula
uMthombeni uqobo wayehamba nabantu bakhe umnini sibongo uMthombeni
uMthombeni wazala uDuma
uDuma wazala uLwandle
uLwandle wazala uSibhuzikazi
uSibhuzikazi wazala uMenzelwa
uMenzelwa wazala uMpanga
uMpanga wazala uThabisa
uThabisa wazala uMvenya lo esenidume ngaye
uMvenya wazala dumisa
uDumisa uyena odume ukudlula wonke amadlozi akwaMthombeni emlandweni wakithi
Uyise uDumisa bekuthiwa nguMvenya kahle kahle ubena madodana amaningi okubalwa kubo
uDumisa
Ndodane
Mseleku
Dlangisa
UMan etc
Kuke kwafika impi esizweni sikaMvenya okwenza amadodana akhe ahlakazeke ehamba nabalandeli babo
UDumisa uhambe nodadewebo uNomtshephana bayakhosela kusizwe sabathwa ilapho
uNomtshephana ufike wabona insizwa enhle waqoma ukugana kuyo Insizwa yabathwa
Uma ungaya entabeni zokhahlamba uthola oMthombeni abazibiza ngabathwa abanye bakhona bazibiza oMathebula
Abathwa bavumela ukufundisa uDumisa imfihlo yabo jengoba uDumisa sethathwa njengoMkhwenyana
Lokhu kwenze uDumisa eseyinyanga enkulu esabekayo kuleso sizwe sabathwa namaphethelo eyinyanga ehlula abathwa ngemithi abamfundise yona
Baze bamenza umholi wabo
UDumisa waphatha isizwe sabathwa
uDumisa ugcine seyokhosela phansi kaNombewu Dlamini lapha wafike waba yisilomo
Abakwa-Dlamini bagcine sebefuna ukumbulala ngoba benomona
uDumisa ubaleke wayohlala nomfowabo uMseleku ngase mfuleni unkomazi river
uDumisa ugcine esiyo kwakha isizwe sakhe ehlathini ebelingena mnikazi njengoba beligcwele izilwane eziyingozi
UDumisa usebenzise ukuzicupha (ukuthiya) ngemithi yakhe
Izilwane zaphela nyaaaaa wazihlalela nabantu bakhe abamlandelayo
LALELA USHAKA WASIZWA UBANI UKUTHI AQINE AKHE ISIZWE SAMAZULU
UShaka ubethanda uDumisa Mthombeni emthandela ukuthi uthola iNtelezi kithi.
(Jabula mthombeni isizwe simi ngawe)
Ushaka ubethola intelezi nenyama yezinyamazane ibihlala iningi lapha kwaDumisa okwagcina sokwenza ushaka abize umuzi kaDumisa ngokuthi
KuseMZINI WEZINTO (emzinto)
UDumisa uphile iskhathi eside kakhuuulu ugcine esabela ingane zakhe isizwe sakhe
Unike indlalifa lakhe indawo wayibiza
ngokuthi kuseZIMPETHU ZENDLOVU
Eyinye indawo uyinike umfana wakhe uSawoti njalo indlu yakhona ibizwe ngokuthi
NgeyaseMANDLENI njalo umuntu ophethe njengamanje umfana omunye wakhe obebizwa ngoSAKHAYEDWA (ukhokho kaDuiker Duma esimaziyo sonke usethekwini)
USakhayedwa unikwe unikwe indawo yaseNdungeni eUnderberg njalo namuhla iphethwe inkosi esahla anhlamfana
uDavid van royen Duma
ISITHAKAZELO ZAKWA MTHOMBENI
MTHOMBENI
DUMA
LWANDLE
OLUNGAWELWA OLUWELWA ZINKONJANE ZOBE ZIPHAPHA (zindiza) PHEZULU
MSELEKU DUMISA KAMVENYA DLANGISA THOLE MAKHUNGA MATHEBULA
INYONI EYAKHELEMTHINI YAZE YALILEKA UMTHOMBENI OWAPHEKHWA NETSHE KWAVUTHWA LONA KUQALA KWASALA UMTHOMBENI UMFAZI OMABELEMADE ONCELISSA UMNTWANA ENGAPHESHEYA NOMA LIPHUNGUKE

lomlando uqoshwe wabhalwa wadidiyewa u

Bheshu umfokaMthombeni
Ujamlodi omnyama ngebala omhlophe ngenhliziyo engabona intombi emi phamboi kwami kanti umngani wayo
Ungcwel-tekisi bheka ngapha ntombi abakithi bakulindile
Umbongiseni uzalwa uNkomishi kude buduze unkomishi ezalwa ubheshu ozalwa.