Umlando wakwa Mkhwanazi Kwa Mpukunyoni 1800-2025

Abantu bakwa Mkhwanazi kwa Mpukunyoni bafike lapha ngeminyaka yabo 1800 kufika u Veyane eqhamuka ebukhosini bamaSwati ngoba ngaleminyaka ibingakabibikho imingcele yamazwe kanye nawo amazwe asikwe ngo 1884 nge-Berlin Conference.

Uthe uma efika Veyane wathi zibalala kwesakwaThabethe kodwa wangamukelwa wase wadlulela kwesakwa Nyawo nakhona kwangahamba kahle. Wafudukela kwaMnqobokazi lapho athi ukuzinza khona waze wafudukela ngaphesheya kwe Hluhluwe esizweni sakwa Mthethwa esasibuswa INkosi Godongwane Dingiswayo ka Jobe.

Ilapho Veyane wakhonza khona ngokwakha imvunulo, izikhali kanye namakhambi anamandla okwenza yam thanda kakhulu Inkosi Dingiswayo. Kuthe uma Inkosi Dingiswayo isifuna ukwakha umbuso wobukhosi obubodwa obubumbene obunamandla yaba Izwe layo ukuba libhekwe ngamakhosi amancane anjengezinduna zayo yona ibisiba inkosi enkulu. Yaba lelizwe eliphakathi kwe Hluhluwe river ne UMfolozi river ngokulibhekelwa ngaba Khwanazi Veyane. Veyane ufika nje uvela kwa Hlathikhulu ezalwa ngu Cobi ka Jwabu. Kade eyisikhonzi ebukhosini bamaSwati.

UVeyane ukhonze kahle ngaphansi kwa Bathethwa waze wakha umuzi wase Madwaleni nomuzi wase Baswazini kwa Mpukunyoni kwaze kuba Inkosi Zwide inquma inkosi Dingiswayo Ikhanda swkuqubuka izimpi naye Veyane wadlula emhlabeni ngo 1823 emveni kwakhe wabusa noma kwabheka Mayanda ka Veyane yena oze wakha umuzi wase Mahujini, Nqakwe no Nomathiya wase evusa imizi kayise Madwala ne Baswazini.

Naye Mayanda uthatha izintambo ngo 1823 waganwa Mntwana Ntikili ka Zenzangakhona udadewabo we Silo Mpande owakhe umuzi wakwa Nomathiya wabe esezala Inkosi Somkhele ebuse kusukela ngo 1869 kuze kube 1907 yona ezale Inkosi Mtubatuba ngo 1863 obuse ngo 1907 waze wakhithama ngo 1954 yena wazala Mgwazeni obuse ngo 1958 kuya 1961, kwa landela Inkosi Mzondeni ebuse ngo 1983 kuya ku 2007. Kwashintshwa ulibo kwa ngena iNkosi Mzokhulayo ka Madamu ka Mtubatuba ka Somkhele obuse ngo 2011 kuya 2018 kwabe seku ngena Inkosi Ntokozo ebuse kusukela ngo 1922 kuze kube manje.


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

Leave a Comment