Dumbe Clan Names

Izithajazelo zakwa Dumbe:

Khalishwayo
Mhlophe
Mathunjwa
Ndandaza
Wena wasoShabeni
Mbhembhekazi
Nhlu’mhlome
Mhlophe omuhle njengo Mathunjwa wasoShabeni
Wena ophakela indoda ehlephezile
Gcamalaza kuphume ijongose
Wena owagwazwa ngetshwayitshwayi yasoShangane !!

More about Dumbe

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

1 thought on “Dumbe Clan Names”

  1. Ngizama ukulungisa iphutha ngezithakazelo zakwaNgidi ezimenyezelwa kulenkundla. Lezizithakazelo yizithakazelo ezithinta amakhehla cisho amabili noma amathathu akwaNgidi phezu kokuthi umlando wamaNgidi usitshela ukuthi angaphezu kuka-65 amakhehla akwaNgidi nezindlu ezingaphezu kuka-35. UBusane uthinta ikhehla elilodwa eliqhamuka endlini eyabe inamakhehla ayisihlanu. UNkeneza uzale amadodana amahlanu kulamadodana yinye indodana eyaphambuka yagcina isiyaziwa ngoBusane. Lawa amane amadodana aqhubeka engoNgidi. Uma ungazalwa yilendodana eyaphambuka awuhlangani nesibongo sakwaBusane. Kukhona uhla lwezithakazelo ezithinta amaNgidi ewonke, yiloke loluhla engicela ukulufaka ukuze umlando wethu ulungiseke.

    Reply

Leave a Comment