Izithakazelo zakwa Mncadi Clan Praises

Mncadi clan history and clan names:

Izithakazelo zakwa Mncadi yizo ezakwaMthembu, ngoba uMncadi, insizwa yakwaMthembu. Kepha ke kukhona la ukuhamba kuhlangani ngenxa yomlando.

EMancadini thina sithi :

Mncadi;
Mthemb’omkhulu waseQhudeni;
Owehla ngesilulu uvela le enyandeni kwaMabaso;
Makhonz’egoduka Ongalidl’ithambo lasemzini funa uyalidla bese uyajwayela;
Mntaka Mkhaliphi ongalali kwesamathole;
Wena wakadaka Lubamb’izinkomo;
Mmemezi kaJani ongadl’amathibane indlal’isikiwile;
Wena Makhunga owakhung’inja ngoqotho;
Wena kamalandela ngokulandel’ izinkomo;
Shazini, Mantshonga, FUKWE osemsamo kaNanda;
Ndab’omnene !


Nakhu engikwaziyo ngezithakazelo zakwa Mncadi. Sister Clarence CPS Mthembu kaMncadi, isizukulu sikaMantshonga nomaNene Mncadi okhokho bami.
Ngingu mzukulu KaStanslaus Sulumane no Francisca umaPhoswa Mncadi.

More about Mncadi

Educational videos


🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel

3 thoughts on “Izithakazelo zakwa Mncadi Clan Praises”

  1. UMantshonga wayeganwe amakhosikazi awu-6, omunye wabo unumber 5 noma 6 kwakunguMaNene, ozala umkhulu wami, uStanslaus Sulumane Mncadi. OMncadi abaseLourdes eMafabela bazalwa ukhokhokazi uMandumela noMaNene. Ukhokhobe uMandumela yinkosikazi yokuqala kaMantshonga. Kuye uMantshonga kuzalwa omunye wabapriste bokuqala abansundu UFr Alois Mncadi eBandleni eliKhatholika laseRoma. Kuwo futhi lomndeni kaMncadi kuzalwa umbhishobhi wokuqala eBandleni eliKhatholika South Africa uBishop Bonaventura Dlamini FFJ, iFranciscan. Lapha kulomndeni ukhona Dr Margaret Chuene Mncadi, oyinkosikazi kaBaba Richard Mncadi owayeyi Lecturer Cape Town, angazi kuyiphi i-university. UDr Mncadi womzabalazo ezikhathini zobandlululo, wahlala kakhulu eSwazini la abalekela khona, ebaleka amaphoyisa obandlululo. Umkhulu uStanslaus wayethi sadabuka eMozambique athi, “la kuneLaurenzo Marques manje, kwakukwethu lapho” (isibizwa ngeMaputo manje) yithina ke lava oMncadi, Mkhaliphi abangalidli ithambo lasemzini, abakaNomasiksiki, bakaphungula wasinda. Ndab’omnene. Ngiyabonga. USr Maria Clarence Mncadi – Mthembu CPS oseMthatha, Glen Avent Convent.

    Reply
  2. Siyabonga weMzukulu kaStansilius nomaNene.BengikaMaMsomi kaDays ngilandela izimpande zami.Mina ngingumzukulu kaPhillipinah MaMncadi Majola.Ngikhule eMariathal.UMaMmncadi omunye engimaziyo uMaMncadi Dlamini ukhulu ePhrosina noSr Mildred.
    Ngifisa ukuthola oMncadi bakaMashu u MaKhumalo Mncadi noInnocentia Mncadi

    Reply
    • Siyabonga ukusigcinela lol ulwazi bongoza.Mina ngiyisizukulwane saseMancadini.Ugogo nomkhulu wami okungu Bafunani Vincentia (MaZulu) +Nacci Mncadi (izingane zikaMaBhengu Mncadi)beke basilandisele ngomlando wakwaMncadi.Ngibalule ukuthi basho ukuthi uMncadi wayenamakhosikazi amaningi(3/4) angisakhumbuli kahle.Kodwa engimukhumbulayo kuwo umaNene.

      Reply

Leave a Comment