Yaka,
Glunge,
Shonane,
Masaphokazi,
Dinane,
Mayile,
Gagasi elacwilisa oshaka,
Mngodi ongaweli owelwa izintuthwane,
Wena olume ephephethe,
Hambo olude olushelelele,
Wena owalala omsileni wenyoka yakugoqa wathi iyakudla kanti iyakufudumeza .
Mgayi mgayi owagayela umhlaba wonke ,Ncwencwe,