Want more info? Watch on YouTube

Mthembu
Mvelase
Qhudeni
Jama ka Mnisi
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Gabadela owagabadel’ inkundla yakwaBulawayo
Utshani abushi busha ngokubhebhezela
Khuluse omuhle
Phewa
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi.
Nina baseMlamlankunzi!
Wena kaNgoza ‘kakhokhobi, ‘kanjengay’ uMacingwane waseNgonyameni, yen’ obedl’ imihlambi yamadoda ngokuyikhokhobela;
Wena kaJel’ ophume kuNdingiza kuHlazakazi, abanini beNdingiza basale bevungama…
Cuphayibambe
Mhlakazanhlansi bayosala becisha abafokazane
Gabadele
Mvelase ka Guda!
Guda kaNgoza kaNgwavuma
Ogud’ inkom’ ingenalubisi;
Wena owathembelenjeni imithi wathi uzosenga ngenxa yokuzingelwa yizitha nabafokazane
Wena Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Akadli ‘mathibane,
Kuth’ angadl’ amathibane kube indlala iwile
Ndaba!
Ndaba kaLushozi kaGeze kaMangqiyima
Ndab’ongakhothameli amakhosi angakhothama kuyozilwa e Qhudeni!
Mthembobomvu
Myayiza omuhle nezinyawo zakhe!
Wenophuza kwezind’iziziba
Uphuz’oPhongolo wayophuzeManguza!
Usikhothanyelwa kama Kholokotho ngokukhothanyelwa zintaba zo Bombo no Phongolo
Jama wena owajamela imingcele ka Sobhuza neka Soshangane!